"buyisa"
8 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.
Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?
Inkosi yayisimbuza owesifazane , wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi : Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje. UHazayeli uyinkosi e-Aramu
Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha , uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.
Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu.
Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo ; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni ; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: Buyisa.
Kepha manje wen a, buyisa umfazi wendoda , ngokuba ingumprofethi ; iyakukukhulekela ukuba uphile ; uma ungambuyiseli , yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.
UJehova wathi kuMose : Buyisa intonga ka -Aroni ngaphambi kobufakazi , igcinwe ibe luphawu kubahlubuki , ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.