Skip to Content

"cela"

6 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:20

Wayesethi kuyo : Nginesicelo sinye nje esincane kuwe ; ungangifulatheli. Inkosi yathi kuye: Cela-ke, mame ngokuba angiyikukufulathela.

1 AmaKhosi 3:5

EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.

2 AmaKhosi 2:9

Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku -Elisha: Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe . Wathi u-Elisha: Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.

2 iziKronike 1:7

Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.

AmaHubo 2:8

Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.

NgokukaMarku 6:22

kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo , yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye . Inkosi yayi sithi entombazaneni : Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.