Skip to Content

"ebubini"

57 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:32

Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka. UJerobowamu uqhubeka ebubini

1 iziKronike 4:10

UJabesi wabiza uNkulunkulu ka -Israyeli, wathi: Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami , isandla sakho sibe nami , ungivikele ebubini , ngingehlelwa ngubuhlungu . UNkulunkulu wamnika akucelayo.

1 kaJohane 5:19

Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.

1 kaPetru 3:11

adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge,

1 kwabaseKorinte 14:20

Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo , kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.

1 uSamuweli 25:39

UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali , ovimbele inceku ya khe ebubini , wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe . UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

2 kuThimothewu 3:13

Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini , bedukisa, bedukiswa.

2 uSamuweli 16:8

UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe ; uJehova unikele umbuso esandleni sika -Abisalomu indodana yakho ; bheka, usubhajiwe ebubini bakho , ngokuba ungumuntu wegazi.

AmaHubo 121:7

UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke ; uyakulonda umphefumulo wakho.

AmaHubo 50:19

Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso.

AmaHubo 51:2

Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.

AmaHubo 51:5

Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.

AmaHubo 52:7

Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulun kulu abe yinqaba yaso , kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.

AmaHubo 56:7

Bayakuphunyuka yini ebubini babo na ? Diliza izizwe ngentukuthelo , Nkulunkulu.

AmaHubo 73:8

Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla ; bakhuluma besekuphakamemi.

IzAga 13:17

Isithunywa esibi s iwela ebubini , kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.

IzAga 13:19

Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni , kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.

IzAga 16:17

Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini ; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.

IzAga 16:6

Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.

IzAga 1:16

ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.

IzAga 21:12

Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.

IzAga 28:14

Ubusisiwe umuntu owesaba njalo , kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

IzAga 3:7

Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho ; mesabe uJehova , udede ebubini.

IzAga 4:27

Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo ; chezukisa unyawo lwakho ebubini.

IzAga 6:18

nenhliziyo eceba imicabango emibi , nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,

IzEnzo 3:26

UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.

KuThithu 2:14

owazinikela ngenxa yethu , ukuze asihlenge ebubini bonke , asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

KuThithu 3:3

Ngokuba nathi kade sasiyiziwula , abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu , sizondekile sizondana.

U-Eksodusi 32:14

UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.

U-Isaya 47:10

Wethembile ebubini bakho , wathi: Akakho ongibonayo . Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakh o kukudukisile ; wathi enhliziyweni yakho : Yimi, akakho omunye.

U-Isaya 57:1

Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni ; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,

U-Isaya 59:15

Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango ; uJehova wakubona lokho , kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

U-Isaya 59:7

Izinyawo zabo zigijimela ebubini , bashesha ukuchitha igazi elingenacala ; imicabango yabo iyimicabango yobubi ; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

UDaniyeli 9:13

Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele , nokho asincenga nga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.

UGenesise 48:16

ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana ; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o -Abrahama no -Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.

UHezekeli 18:27

Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abe nzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.

UHezekeli 18:8

enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini , enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;

UHezekeli 24:23

Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu ; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu , nibubulelane omunye nomunye.

UHezekeli 33:12

Kepha wena ndodana yomuntu , yisho kubantwana babantu bakho , uthi: Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe , nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.

UHezekeli 33:19

Nalapho omubi ebuya ebubini bakhe , enze okufaneleyo nokulungileyo , uyakuphila ngakho.

UHezekeli 36:33

Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo.

UHezekeli 3:19

Kepha wena , uma umxwayisa omubi , angaze abuya ebubini bakhe nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwophulile umphefumulo wakho.

UHezekeli 4:17

ukuba baswele isinkwa namanzi , bamangale omunye nomunye , babune ebubini babo.

UHoseya 10:10

Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

UHoseya 4:8

Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.

UJeremiya 11:10

Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze : indlu ka -Israyeli nendlu k aJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.

UJeremiya 18:8

leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.

UJeremiya 23:14

Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo : bayaphinga, bahamba ngamanga , baqinisa izandla zababi , ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe ; bonke banjengeSodoma kimi , nabakhileyo kulo banjengeGomora.

UJeremiya 42:17

Kuyakuba njalo bonke abantu ababhekisa ubuso babo ukuya eGibithe ukuba bagogobale khona ; bayakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kungabikho kubo oyakusala , aphunyuke ebubini engiyakubehlisela phezu kwabo.

UJeremiya 44:5

Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.

UJobe 28:28

Wathi kubantu : Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha ; ukusuka ebubini kungukuqonda.

UJobe 36:10

Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.

UJobe 36:21

Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini , ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

UJoshuwa 22:20

U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa -Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.

UMalaki 2:6

Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe , nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe ; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho , wabuyisa abaningi ebubini.

UNumeri 5:31

Indoda iyakukhululeka ebubini , kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.

UmShumayeli 7:15

Konke ngikubonile emihleni yami eyize : kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe , kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.