Skip to Content

"edamaseku"

23 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:24

Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.

1 AmaKhosi 15:18

U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , wakunikela ezandleni zezinceku zakhe ; inkosi u -Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni , inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi:

1 AmaKhosi 20:34

UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi

2 AmaKhosi 16:10

Inkosi u-Ahazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, yabona i-altare elaliseDamaseku; inkosi u-Ahazi yathumela ku - Uriya, umpristi, isimo se -altare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwa lo konke.

2 AmaKhosi 16:11

U-Uriya, umpristi, wayesakha i -altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u -Uriya umpristi , yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.

2 AmaKhosi 16:12

Inkosi isibuyile eDamaseku , inkosi yalibona i -altare; inkosi yasondela e - altare, yenyukela kulo.

2 AmaKhosi 8:7

Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.

2 iziKronike 16:2

U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJeho va nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi:

2 iziKronike 28:5

UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase - Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa , babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa -Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.

2 kwabaseKorinte 11:32

EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;

IzEnzo 22:10

Ngathi: Ngizakwenzani, Nkosi, na? INkosi yayisithi kimi : S ukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.

IzEnzo 22:11

Kepha njengokuba ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla yibo ababe nami, ngafika eDamaseku.

IzEnzo 22:5

njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke ; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane , ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

IzEnzo 22:6

Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini , kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,

IzEnzo 26:12

Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu,

IzEnzo 9:10

Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: Ananiya! Yena wathi: Ngikhona, Nkosi.

IzEnzo 9:19

esedlile wathola amandla. USawulu ushumayela eDamaseku naseJerusalema Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.

IzEnzo 9:22

Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

IzEnzo 9:27

Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endle leni, nokuthi ikhulumile kuye , nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.

IzEnzo 9:3

Kepha ekuhambeni kwakhe , esesondela eDamaseku , kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini.

IzEnzo 9:8

USawulu wayesevuka phansi ; kepha esevulile amehlo akhe , kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku.

KwabaseGalathiya 1:17

futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.

U-Isaya 17:3

Inqaba iyakuphela kwa -Efrayimi, nombuso eDamaseku , nensali e -Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli, usho uJehova Sebawoti.