Skip to Content

"edliwayo"

4 occurrences in ZUL

UGenesise 2:9

UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo , emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu , nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

UHezekeli 47:12

Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele

ULevitikusi 17:13

Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.

ULevitikusi 19:23

Nanxa senifikile ezweni , nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo , anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo ; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa.