"ehebroni"
30 occurrences in ZUL
Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka -Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane ; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni , iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema. Izijeziso zika-Adoniya, no-Abiyathara, noJowabe, noShimeyi
Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; uDavide wenza isivumelwano nawo eHe broni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa -Israyeli njen gezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza , kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu. Umumo wabantu abambeka uDavide inkosi eHebroni
Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.
Onke lawo madoda empi , angahlela impi , afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa -Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.
Isikhathi abusa ngaso phezu kuka -Israyeli sasiyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, nengamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni : izibulo ngu - Amnoni ku -Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku -Abigayili umKarmelikazi;
Kepha u -Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa -Israyeli ngokuthi: Lapho nizwa ukukhala kwecilongo , anothi: U-Abisalomu uyinkosi eHebroni.
Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u -Abisalomu wathi enkosini : Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni.
Inkosi yathi kuye: Hamba ngokuthula. Wayesesuka, waya eHebroni.
Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka. Wathi uDavide: Ngenyukelephi na? Wathi: EHebroni.
Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Ukulwa kuka-Ishi Bosheti noDavide. Impi yaseGibeyoni
U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini ; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindle beni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku - Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.
Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni ; izibulo lakhe laba ngu -Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli;
Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.
Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni , zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni , ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.
U-Abineri esebuyele eHebroni , uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa , wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
Bammbela u -Abineri eHebroni ; inkosi yadazuluka , yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala.
eyesithupha yayingu -Itereyamu ku -Egila umkaDavide . Lawo azalelwa uDavide eHebroni. Ukuvumelana kukaDavide no-Abineri. U-Abineri ubulawa nguJowabe
Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.
UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.
Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.
Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni , zasho zathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
UDavide wazithathela ezin ye izancinza nabafazi eJerusalema , esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.
Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova ; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashum i amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.
UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.
UJoshuwa wakhuphuka e -Egiloni, bonke abakwa -Israyeli benaye , waya eHebroni, balwa nalo.
UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi , wanquma ama -Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda , nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.
Benyukela ngaseningizimu , bafika eHebroni ; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.