Skip to Content

"ehlakaniphileyo"

11 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:7

Kwathi uHiramu ezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu , wathi: Makabusiswe uJehova namuhla omnikile uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalabo bantu abakhulu.

1 kwabaseKorinte 3:10

Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo , njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka is isekelo, omunye wakha phezu kwaso . Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

2 iziKronike 2:12

UHiramu wathi futhi : Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.

IzAga 10:1

Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.

IzAga 10:5

Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo ; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.

IzAga 11:29

Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya , nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.

IzAga 13:1

Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise , kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.

IzAga 15:20

Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise , kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.

IzAga 20:26

Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi , iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.

NgokukaMathewu 7:24

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami , awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

UmShumayeli 9:15

kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo ; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.