Skip to Content

"ekulweni"

24 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:30

Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho . Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, yangena ekulweni.

1 iziKronike 5:20

Asizwa ekulweni nabo , amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo , ngokuba akhala kuNkulun kulu empini , amncenga, ngokuba ayemethemba.

1 uSamuweli 14:20

USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba , kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.

1 uSamuweli 14:22

Abantu bonke bakwa -Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni.

2 AmaKhosi 8:29

Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama -Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu , inkosi yakwaJuda , wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

2 AmaKhosi 9:15

kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama -Aramu ekulweni kwayo noHazayeli , inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: Uma kungumqondo wenu lokhu , makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.

2 iziKronike 18:29

Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho . Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni.

2 iziKronike 22:6

Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yaman xeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase -Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka - Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

AmaHubo 89:43

Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe , awumvumelanga ukuma ekulweni.

IsAmbulo 16:14

ngokuba bangomoya bamademoni , benza izibonakaliso , abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

IsAmbulo 20:8

aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.

IsAmbulo 9:9

sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi , nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni.

UDuteronomi 2:24

Sukani nihambe , niwele umfula i -Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori , inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.

UDuteronomi 2:9

UJehova wayesethi kimi : Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni , ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa , lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.

UHezekeli 13:5

Anenyukelanga ezikhaleni , anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa -Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.

UJoshuwa 11:23

Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose ; uJoshuwa walinika u -Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.

UJoshuwa 14:11

Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo ; njengamandla am i ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni , ekuphumeni nasekungeneni.

UJoshuwa 14:15

Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki. Izwe lase liphumula ekulweni.

UNumeri 27:14

ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo . Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.

UNumeri 31:21

Umpristi u -Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni : Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:

UNumeri 31:27

wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,

UNumeri 31:28

uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni , kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,

UZakariya 10:3

Intukuthelo yami ivuthele abelusi ; ngiyakujezisa izimpongo , ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

UZakariya 10:5

Bayakuba njengamaqhaw e anyathela udaka ezitaladini ekulweni ; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.