Skip to Content

"elikhanyayo"

11 occurrences in ZUL

NgokukaMathewu 17:5

Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza ; bheka, kwavela izw i efwini, lathi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.

U-Isaya 14:12

Yeka ukuwa kwakho ezulwini , khwezi elikhanyayo , ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.

ULevitikusi 13:19

kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo , limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,

ULevitikusi 13:2

Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo , kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko , makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,

ULevitikusi 13:23

Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi , kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.

ULevitikusi 13:24

Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo , inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,

ULevitikusi 13:25

umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe , libonakala lishonile kunesikhumba , bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini ; khona umpristi uyakusho athi ungcolile ; kuyisifo sochoko.

ULevitikusi 13:26

Kepha uma umpristi elibheka , kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba , kodwa lifiphele , bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,

ULevitikusi 13:28

Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo , lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi ; umpristi makasho athi uhlambulukile , ngokuba kuyisibanda sesibazi.

ULevitikusi 13:4

Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe , lingabonakali lishonile kunesikhumba , noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,

ULevitikusi 14:56

nowedunguza nowotwayi nowebala elikhanyayo,