Skip to Content

"emanzini"

49 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:15

Ngokuba uJehova uyakushaya u -Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u -Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, lokhu benzile o-Ashera babo, bathukuthelisa uJehova.

2 AmaKhosi 3:22

Bavuka ekuseni , ilanga lakhanya emanzini , abakwaMowabi bawabona amanzi malungana nabo ebomvu njengegazi;

2 AmaKhosi 6:5

Kwathi lapho omunye esegawula umshayo , insimbi yawela emanzini ; wakhala wathi: Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!

2 AmaKhosi 8:15

Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo , wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo , yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo. OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda

2 kaPetru 3:5

Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi , umi ngezwi likaNkulunkulu,

2 uSamuweli 22:17

Waselula isan dla sakhe ephezulu , wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

AbAhluleli 7:24

UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa -Efrayimi, wathi: Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani. Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.

AmaHubo 104:3

obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;

AmaHubo 107:23

Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.

AmaHubo 135:6

Konke uJehova akuthandayo uyakwenz a ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

AmaHubo 144:7

Yelula isandla sakho phezulu , ungikhulule, ungophule emanzini amakhul u nasesandleni sabafokazi

AmaHubo 18:16

Waselula isandla sakhe ephezulu , wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

AmaHubo 69:2

Ngishone odakeni lobishi olujulileyo , kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.

AmaHubo 74:13

Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

IzEnzo 27:43

kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini,

IzEnzo 8:36

Kwathi besahamba endleleni , bafika emanzini . Umthenwa wathi : Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?

IzEnzo 8:38

Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.

IzEnzo 8:39

Kwathi sebekhuphukile emanzini , uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu , umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

NgokukaMarku 1:10

Wanele ukukhuphuka emanzini , wabona izulu livuleka , noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.

NgokukaMathewu 17:15

wathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.

NgokukaMathewu 8:32

Wathi kuwo : Hambani. Ayesephuma, angena ezingulubeni ; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni , waphonseka elwandle , wafela emanzini.

U-Eksodusi 15:10

Waphephetha ngomoya wakho , ulwandle lwabasibekela ; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.

U-Eksodusi 15:25

Wayesekhala kuJehova ; uJehova wambonisa umuthi ; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti . Wabamisela khona isimiso nomthetho ; wabavivinya lapho,

U-Eksodusi 2:10

Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: Ngokuba ngamkhipha emanzini. Ukubaleka kukaMose

U-Eksodusi 32:20

Wayeselithatha ithole ababelenzile , walishisa ngomlilo , walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa- Israyeli.

U-Eksodusi 7:15

Yana kuFaro kusasa ekuseni ; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; yima ogwini lo mfula ukumhlangabeza ; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.

U-Eksodusi 8:20

UJehova wayesethi kuMose : Vuka ekuseni kusasa , ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; thana kuye : U Jehova usho kanje , uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.

U-Isaya 19:8

Abadobi bayakukhala , balile, bonke abaphonsa udobo eNayile; nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.

U-Isaya 23:3

Emanzini amaningi imbewu yaseSihor i nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.

U-Isaya 43:16

Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle , nomkhondo emanzini anamandla,

U-Isaya 43:2

Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.

U-Isaya 48:1

Yizwa lokhu wena ndlu kaJakob e obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwa Juda, ofunga igama likaJehova , odumisa uNkulunkulu ka - Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.

U-Isaya 55:1

We nina nonke enomileyo , wozani emanzini ; nani eningenamal i wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali , yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.

UHezekeli 27:26

Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi ; umoya wasempumalanga wawusukwaphula usenhliziyweni yolwandle.

UHezekeli 47:3

Lapho umuntu esephuma , eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe , walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.

UHezekeli 47:4

Wabuye walinganisa inkulungwane , wangidabulisa emanzini , amanzi efinyelela emadolweni . Walinganisa futhi inkulungwane , wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.

UJeremiya 13:1

Usho kanje uJehova kimi, uthi: Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.

UJeremiya 14:3

Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini ; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.

UJoshuwa 15:7

umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase -Akori ngasenyakatho , ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase -Adumimi elingaseningizimu komfula ; umkhawulo wawusudlula , waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi ; ukuphuma kwawo kwakungasemthon jeni waseRogeli;

UJoshuwa 16:1

Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga , ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;

UJoshuwa 3:13

Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abath wala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke , eyakuma emanzini aseJordani , amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.

ULevitikusi 11:10

Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni , nazo zonke eziswebezelayo emanzini , nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.

ULevitikusi 11:12

Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.

ULevitikusi 11:32

Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile , noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo ; makufakwe emanzini , kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.

ULevitikusi 11:46

Yilowo umthetho wezilwane nowezinyoni nowezilwane zonke eziswebezelayo emanzini, nowezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,

UNehemiya 9:11

Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo , badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo ; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.

UNumeri 19:18

umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisop i, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende , nezitsha zonke , nabantu ababelapho , nowathinta ithambo , noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,

UNumeri 31:23

konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okup hothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.

UNumeri 5:17

umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba , athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele, alufake emanzini,