Skip to Content

"emathuneni"

17 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 23:16

UJosiya waphenduka , wabona amathuna ayelapho entabeni ; wathumela wakhipha amathambo emathuneni , wawashisa e -altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owameme zela lezi zinto.

2 AmaKhosi 23:6

Yakhipha u-Ashera endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni , yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni , yamcolisisa waba yincushuncushu , yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.

2 iziKronike 16:14

Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide , bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki ; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.

2 iziKronike 24:25

Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.

2 iziKronike 28:27

U-Ahazi wayeselala koyise ; bammbela emzini , iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 35:24

Izinceku zayo zayikhipha enqoleni , zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema ; yafa, yembelwa emathuneni awoyise . Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.

AmaHubo 107:20

Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.

NgokukaLuka 8:27

Esephumele emhlabathini , kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyi sikhathi eside ingembathi ngubo , ingahlali endlini kodwa emathuneni.

NgokukaMarku 5:2

Esephume emkhunjini , kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.

NgokukaMarku 5:3

Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga;

NgokukaMathewu 27:53

baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe , bangena emzini ongcwele , babonakala kwabaningi.

NgokukaMathewu 8:28

Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara , kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni , bephuma emathuneni , beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.

U-Isaya 65:4

abahlala emathuneni , balale ezindaweni ezisithekileyo , badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

UHezekeli 37:12

Ngalokho profetha , uthi kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.

UHezekeli 37:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho sengiwavulile amathuna enu , nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami.

UJeremiya 26:23

Bamkhipha u -Uriya eGibithe , bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.

UJeremiya 8:1

Ngaleso sikhathi , usho uJehova , bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,