Skip to Content

"emazweni"

37 occurrences in ZUL

1 iziKronike 14:17

Igama likaDavide laphumela emazweni onke ; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.

1 iziKronike 22:5

UDavide wathi: USolomoni in dodana yami usengumfana , usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu , ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke ; ngizakuyilungisela. Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.

2 iziKronike 11:23

Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini , emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.

2 iziKronike 34:33

UJosiya wazisusa zonke izinengiso emazweni onke akwa -Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa -Israyeli bakhonze , bamkhonze uJehova uNkulunkulu wabo . Zonke izinsuku zakhe abasukanga ekumlandeleni uJehova uNkulunkulu wawoyise.

AmaHubo 106:27

awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni.

AmaHubo 107:3

wababutha emazweni , empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.

IzEnzo 8:1

Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe . Ngalolo su ku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema ; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.

KwabaseGalathiya 1:21

Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.

UDaniyeli 11:40

Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo ; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngez inqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

UDaniyeli 11:42

Iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka.

UGenesise 10:20

Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.

UGenesise 10:31

Laba babe ngamadodana kaShemi ngemindeni yawo nangezilimi zawo , emazweni awo nasezizweni zawo.

UGenesise 41:54

Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika , njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke ; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.

UHezekeli 11:16

Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.

UHezekeli 11:17

Ngalokho thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.

UHezekeli 12:15

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibahlakazela ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 19:8

Izizwe zase zilihlelela nxazonke , zivela emazweni , zeneka phezu kwalo inetha, labanjwa emgodini wazo.

UHezekeli 20:23

Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahl akazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni,

UHezekeli 20:34

Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu , nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangokufutheka okuthululiweyo,

UHezekeli 20:41

Ngephunga elimnandi ngiyakunamukel a, lapho nginikhipha kubantu , nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona , ngingcweliswe kini emehlweni ezizwe.

UHezekeli 22:15

Ngiyakukuhlakazela ezizweni , ngikusabalalisele emazweni , ngiqede ukungcola kwakho kuwe.

UHezekeli 22:4

ngegazi olichithileyo un ecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile ; usondezile izinsuku zakho , ufikile eminyakeni yakho ; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.

UHezekeli 25:7

bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe , ngikunqume kubantu , ngikuchithe emazweni , ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 29:12

Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi a mane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 30:23

Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 30:26

Ngiyakubahlakazela a baseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 32:9

Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi , lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga.

UHezekeli 34:13

Ngiyakuzikhipha kubantu , ngiziqoqe emazweni , ngiziyise ezweni lazo , ngizaluse ezintabeni zakwa -Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe.

UHezekeli 36:19

Ngabahlakazela phakathi kwezizwe , basabalaliselwa emazweni ; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.

UHezekeli 36:24

Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.

UHezekeli 39:27

lapho ngibabuyisile kubantu , ngibabuthile emazweni ezitha zabo , ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.

UHezekeli 6:8

Kepha ngiyakushiya insali , nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.

UJeremiya 23:3

Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke , lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.

UJeremiya 23:8

kepha ukuthi: Kuphila kukaJehova owayikhuphula , wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nas emazweni onke lapho ngangibaxoshele khona. Iyakwakha ezweni lakubo. Abaprofethi bamanga

UJeremiya 32:37

Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yam i, nangokufutheka kwami , nangolaka olukhulu , ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,

ULevitikusi 26:36

Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo ; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha , babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba , bawe bengaxoshwa muntu.

ULevitikusi 26:39

Abaseleyo bakini bayakonda ngobubi babo emazweni ezitha zenu , nangobubi bawoyise bayakonda kanye nabo.