Skip to Content

"emfudlaneni"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:4

Kuyakuthi uphuze emfudlaneni ; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.

1 AmaKhosi 17:6

Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni , nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.

1 AmaKhosi 18:40

U-Eliya wathi kubo : Bambani abaprofethi baka Bali, kungabaleki noyedwa kubo. Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni , wababulala khona.

1 uSamuweli 17:40

Wathatha induku yakhe ngesandla , wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni , wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso , eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.

1 uSamuweli 30:9

Wayesehamba uDavide , yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela.

2 AmaKhosi 23:12

Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika -Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza , yasuka yagijima , yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.

2 iziKronike 29:16

Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule , nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova . AmaLevi akuthatha , akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.

2 iziKronike 30:14

Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama -altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.

AbAhluleli 4:7

Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini , nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.

UDuteronomi 9:21

Ngase ngithatha isono senu , ithole enanilenzile , ngalishisa ngomlilo , ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli , ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.

UJoshuwa 16:8

Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga , wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo

UJoshuwa 17:9

Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula ; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase ; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;