Skip to Content

"emhlambini"

8 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:34

UDavide wathi kuSawule : Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise ; lapho kwafika ingonyama nebhere kwathatha imvu emhlambini,

NgokukaMathewu 8:31

Amademoni amncenga athi : Uma usikhipha , sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.

UDuteronomi 12:21

Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe , uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova , njengalokho ngakuyala , udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.

UGenesise 27:9

Yana emhlambini , ungithathele khona amazinyane amabili amahle ezimbuzi, ngilungisele uyihlo isilovela njengalokho akuthandayo,

UGenesise 30:32

Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha , nazo zonke ezimnyama ezimvini , nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami.

UGenesise 30:40

UJakobe wayesahlukanisa amawundlu , wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani ; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.

UGenesise 31:4

UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.

UMalaki 1:14

Makaqalekiswe okhohlisayo , okukhona emhlambini wakhe i duna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo ; ngokuba ngiyinkosi enkulu , usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.