Skip to Content

"emhumeni"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:13

Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni , ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?

1 AmaKhosi 18:4

ngokuba kwathi lapho u -Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu , wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.

1 AmaKhosi 19:9

Wangena khona emhumeni , walala kh ona. Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: Wenzani lapha, Eliya, na?

1 iziKronike 11:15

Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu , baya etsheni kuDavide emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.

1 uSamuweli 22:1

UDavide wayesesuka khona , wabaleka, waya emhumeni wase -Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.

1 uSamuweli 24:10

Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni ; abanye bathi mangikubulale , kepha ngakuhawukela, ngathi: Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami , ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.

1 uSamuweli 24:3

Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe . UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.

1 uSamuweli 24:7

UDavide wabathiya ngalawo mazwi , akabavumelanga ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emhumeni, wahamba.

1 uSamuweli 24:8

Naye uDavide wasuka ng asemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: Nkosi yami , nkosi! USawule wabheka emuva , uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

2 uSamuweli 23:13

Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu , bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.

UGenesise 19:30

ULoti wakhuphuka eSowari , waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili , ngokuba wesaba ukuhlala eSowari ; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.

UGenesise 23:19

Emva kwalokho u -Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.

UGenesise 25:9

O-Isaka no -Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre,

UGenesise 49:29

Wabayala, wathi kubo: Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,

UGenesise 50:13

ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani , ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela , u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.

UJoshuwa 10:16

Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

UJoshuwa 10:17

Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi : Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda.

UJoshuwa 10:22

Wayesethi uJoshuwa : Vulani umlomo womhume , nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni.

UJoshuwa 10:23

Benze njalo -ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni : inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.

UJoshuwa 10:27

Kwathi ngesikhathi sokushona kwe langa uJoshuwa wayala , bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona , babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla. Ukunqotshwa kwemizi ngaseningizimu yaseKhanani