Skip to Content

"emikhulu"

15 occurrences in ZUL

1 iziKronike 11:22

NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.

2 uSamuweli 23:20

UBenaya indodana kaJehoyada , indodana yendoda enamandla , owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,

IzEnzo 2:11

nabaJuda namap roselite, abaseKrethe nabase -Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.

IzEnzo 8:13

Naye uSimoni wakholwa ; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.

NgokukaJohane 5:20

Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana , uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.

U-Eksodusi 23:13

Qaphelani konke lokho engikushilo kini , ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho. Imithetho yemikhosi emikhulu

UDuteronomi 6:10

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,

UDuteronomi 9:1

Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla , ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe , imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,

UGenesise 1:21

UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 30:43

Yayisikhula kakhulu impela le ndoda , yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.

UHezekeli 30:16

Ngiyakuphemba umlilo eGibithe , iSini libe nemihelo emikhulu , iNo lifohlwe, iNofi lihlaselwe emini.

UJoshuwa 14:12

Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.

UNehemiya 12:43

Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku , bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu ; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ukubuyiselwa kokweshumi

UNumeri 28:15

Nempongo ibe nye , ibe ngumnikelo wesono kuJehova ; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa. Imithetho yemikhosi emikhulu

UmShumayeli 2:4

Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini,