Skip to Content

"eminingi"

49 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:12

Ngemi-alimugi inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu nezingubhu zabahlabeleli ; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

1 AmaKhosi 1:1

Inkosi uDavide yayisindala , ineminyaka eminingi ; bayembesa ngezingubo , kepha ayifudumalanga.

1 iziKronike 22:4

nemisedari engenakubalwa , ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.

1 iziKronike 29:21

Bamhlabela uJehova imihlatshelo , banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova ngangomuso emva kwalolo suku , izinkunzi eziyinkulungwane , nezinqama eziyinkulungwane, namawundlu ayinkulungwane kanye neminikelo yakho yokuphuzwa, nemihlatshelo eminingi ngo-Israyeli wonke;

1 kuThimothewu 6:10

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho ko nke okubi ; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Ukukhonza uNkulunkulu ngesiminya; ukufundisa izicebi nokuxwaya isifundiso samanga

2 iziKronike 17:13

Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi , amaqhawe anamandla, eJerusalema.

2 iziKronike 1:11

Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,

2 iziKronike 26:10

Wakha imibhoshongo ehlane , wemba imigodi eminingi yamanzi , ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni , wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.

2 iziKronike 2:9

ukungilungisela imithi eminingi , ngokuba indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu ngokumangalisayo.

AmaHubo 18:14

Wathuma imicibisholo yakhe , wabangquzula, nemibani eminingi , wabadidizelisa.

IsAmbulo 19:12

Amehlo akhe angamalangabi omlilo , nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;

IzEnzo 16:23

sezibashayile imivimbo eminingi , zabaphonsa etilongweni , zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela;

IzEnzo 24:10

Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume , uPawulu waphendula wathi : Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizw e, ngiyaziphendulela ngesibindi;

IzEnzo 24:17

Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafik a ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,

IzEnzo 8:25

Kuthe sebefakazile , belikhulumile izwi leNkosi , babuyela eJerusalema , bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya

IzEnzo 9:36

EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha , okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa ; yena wayenemisebe nzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

KwabaseRoma 15:23

kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,

NgokukaJohane 10:32

UJesu wabaphendula wathi : Nginitshengise im isebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?

NgokukaLuka 12:47

Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga , ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;

NgokukaLuka 12:7

Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke . Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

NgokukaMarku 4:33

Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa;

NgokukaMathewu 10:31

Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.

NgokukaMathewu 13:58

Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 27:52

amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;

NgokukaMathewu 7:22

Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho , sakhipha amademoni ngegama lakho , senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?

U-Ezra 5:11

Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

U-Isaya 1:11

Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na ? usho uJehova ; ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpong o angithokozi ngalo.

U-Isaya 1:15

Lapho nelula izandla zenu , ngiyakufihla kini amehlo ami ; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.

UDaniyeli 11:40

Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo ; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngez inqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

UDuteronomi 25:3

Angamshaya imivimbo engamashumi amane , angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo , kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.

UDuteronomi 3:5

Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo , namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.

UGenesise 18:11

Kepha o -Abrahama noSara base begugile , beneminyaka eminingi ; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.

UGenesise 24:1

U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.

UHezekeli 38:17

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa -Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?

UHezekeli 47:7

Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula , ngalapha nangalapha.

UJeremiya 28:8

Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nan gemibuso eminingi , ngezimpi, nangokubi, nangesifo.

UJeremiya 46:11

Khuphukela kwaGileyadi , uthathe ibhalisamu , wena ntombi , ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.

UJobe 41:3

Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe , akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?

UJoshuwa 13:1

UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi ; uJehova wathi kuye : Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.

UJoshuwa 23:1

Kwathi emva kwezinsuku eziningi , lapho uJeho va esephumuzile u -Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,

UJoshuwa 23:2

uJoshuwa wabiza wonke u -Israyeli, amalunga akhe , nezinhloko zakhe , nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: Sengimdala ngineminyaka eminingi;

ULevitikusi 25:51

Uma isasele iminyaka eminingi , njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.

UNehemiya 9:25

Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo , badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.

UNehemiya 9:30

Nokho iminyaka eminingi wababekezelela , wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.

UNumeri 35:8

Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa - Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi , kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.

UZakariya 7:3

nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: Ngikhale ngenyanga yesihlanu , ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?

UZakariya 8:20

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi,

UmShumayeli 11:8

Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi , makathokoze ngayo yonk e, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyam a ukuthi njengokuba ziziningi , konke okufikayo kuyize. Iziluleko kwabasha

UmShumayeli 6:3

Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe , kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa , ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,