Skip to Content

"emisebenzini"

26 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:15

Kukhona kuwe izisebenzi eziningi , ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:

1 uSamuweli 25:3

Igama lalowo muntu lalinguNabali ; igama lomkakhe lalingu -Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle , kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.

2 iziKronike 13:10

Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu ; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;

2 iziKronike 31:21

Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu , nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe , wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.

2 iziKronike 32:30

Yena lowo Hezekiya wavimbezela umthombo wasenhla wamanzi aseGihoni, wawaqondisa ngasentshonalanga komuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela emisebenzini yakhe yonke.

2 kaJohane 1:11

ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi. Isigcino

2 kwabaseThesalonika 2:17

makaduduze izinhliziyo ze nu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.

AmaHubo 17:4

Emisebenzini yabantu ngiyazilinda , ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.

IsAmbulo 16:11

futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.

IsAmbulo 2:22

Bheka, ngiyamphonsa embhedeni , nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe;

IsAmbulo 9:20

Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide , nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,

KumaHeberu 4:10

Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.

KumaHeberu 4:4

Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi : UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,

KumaHeberu 6:1

Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu , siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,

KwabaseKolose 1:10

nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,

U-Eksodusi 31:3

Ngimgcwalisile ngoMoy a kaNkulunkulu , ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke,

U-Eksodusi 35:31

umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu , ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke

U-Eksodusi 5:4

Inkosi yaseGibithe yathi kubo : Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina Mose no-Aroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.

UDaniyeli 9:14

UJehova wayesebulinda ububi , wasehlisela bona , ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo , kepha asililalelanga izwi lakhe.

UDuteronomi 30:9

UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho , nasenzalweni yezinkomo zakho , nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,

UGenesise 2:2

UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.

UGenesise 2:3

UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa , walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonk e abeyidalile uNkulunkulu , wayenza.

UJeremiya 8:6

Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: Ngenzeni na? Bonke baphendukela emisebenzini yab o njengamahhashi aphulukundlela empini.

UJobe 24:5

Bheka, njengezimbongolo ehlane bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla; ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.

UNehemiya 4:16

Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini , nenxenye yazo yaphatha imikhonto , nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda.

UNehemiya 9:35

Abakukhonzanga embusweni wabo , nasebuhleni bakho obukhulu owabanika bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo owabapha lona ebusweni babo, ababuyanga emisebenzini yabo emibi.