"emizi"
8 occurrences in ZUL
Inkosi yase -Asiriya yalanda abantu eBabele , naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa -Israyeli; badla iSamariya , bahlala emizi ni yalo.
Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.
Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke ; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo , benamalunga emizi ngemizi nabahluleli ba yo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.
Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo , ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.
Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho , ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.
Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke.
Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu , nezingalo e ziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga , nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho , umuzi ube phakathi . Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.