Skip to Content

"emlilweni"

48 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 19:12

emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo ; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo.

1 kwabaseKorinte 3:15

uma umsebenzi womuntu usha , uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.

2 AmaKhosi 16:3

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 17:17

Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni , babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.

2 AmaKhosi 19:18

alahlile onkulunkulu bawo emlilweni , ngokuba babengesibo onkulunkulu , babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela , umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

2 AmaKhosi 21:6

Wadabulisa indodana yakhe emlilweni , wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi , nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

2 AmaKhosi 23:10

Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.

2 iziKronike 28:3

Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu , washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 iziKronike 33:6

Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu , wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

AmaHubo 66:12

Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu ; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.

EkaJuda 1:23

nibasindise ngokubahlwitha emlilweni , kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama.

IzAga 26:21

Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni , unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.

IzEnzo 28:3

Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba , elibeka emlilweni , kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

IzEnzo 28:5

Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.

NgokukaJohane 15:6

Uma umuntu engahlali kimi , ulahlwa ngaphandle njengegatsha , abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.

NgokukaLuka 3:9

Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi ; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.

NgokukaMarku 9:22

Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.

NgokukaMarku 9:43

Uma isandla sakho sikukhubekisa , sinqume; kungcono ungene ekuph ileni uyingini kunokuba uye esihogweni , emlilweni ongacimekiyo , unezandla zombili,

NgokukaMarku 9:45

Uma unyawo lwakho lukukhubekisa , lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni , emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili,

NgokukaMathewu 13:40

Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa , lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.

NgokukaMathewu 17:15

wathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.

NgokukaMathewu 18:8

Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

NgokukaMathewu 25:41

Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: Dedani kimi nina baqalekisiweyo , niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.

NgokukaMathewu 3:10

Izembe selibekiwe empandeni yemithi ; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.

NgokukaMathewu 7:19

Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa , uphonswe emlilweni.

U-Amose 4:11

Nganichitha njengalokh o uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora ; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova.

U-Eksodusi 32:24

Ngase ngithi kubo : Onalo igolide makalikhumule ; base benginika lona , ngaliphonsa emlilweni, kwaphuma leli thole.

U-Isaya 37:19

alahlile onkulunkulu bawo emlilweni , ngokuba babengesibo onkulunkulu , babe ngumsebenzi wezandla zomuntu ku phela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

U-Isaya 43:2

Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.

U-Isaya 44:16

Ushisa inxenye yawo emlilweni ; phezu kwale nxenye uyadla inyama , ose izoso, asuthe; yebo, uyotha athi: Halala! Sengifudumele, ngibonile umlilo.

UDuteronomi 18:10

Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodan a yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni , noma umbhuli , noma ohlola imihlola , noma owenza imilingo, noma umlumbi,

UHezekeli 15:4

Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe , ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?

UHezekeli 15:7

Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo ; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda ; niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.

UHezekeli 16:21

ukuba ubulale abantwana bami , unikele ngabo kuzo ngokubadabulisa emlilweni, na?

UHezekeli 1:4

Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivun guvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo , kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.

UHezekeli 20:26

Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 20:31

Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla . Mina ngiyakubuzwa yinina , nina ndlu yakwa -Israyeli, na? Qha, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.

UHezekeli 23:37

Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona , abe ngukudla kwazo.

UJeremiya 22:7

Ngiyakukulungisela abachithi, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe, bagawule imisedari yakho ekhethekileyo, bayiphonse emlilweni.

UJeremiya 32:35

Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.

UJeremiya 36:23

Kwathi lapho uJehudi esefundile amakhasi amathathu noma amane , yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni oseziko, waze waphela wonke umqulu emlilweni oseziko.

UJeremiya 6:29

Izifutho ziyafutha , kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela ; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa.

ULevitikusi 16:13

abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;

UNumeri 18:9

Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezin gcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo , yonke iminikelo yabo yempuphu , nayo yonke iminikelo yabo yesono , nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.

UNumeri 31:23

konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okup hothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.

UNumeri 6:18

UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.

UZakariya 13:9

Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni , ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide ; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: Bangabantu bami; base bethi: UJehova unguNkulunkulu wami.

UZakariya 3:2

UJehova wathi kuSathane: UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza ; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?