Skip to Content

"emnyango"

33 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:6

Kwathi lapho u -Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye ; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni.

1 AmaKhosi 19:13

U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe , waphuma, wema emnyango womhume . Bheka, kwafika kuye izwi , lathi: Wenzani lapha, Eliya, na?

2 AmaKhosi 4:15

Wayesethi: Mbize. Wambiza; wema emnyango.

2 uSamuweli 13:17

Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.

2 uSamuweli 13:18

Wayenengubo enemibala , ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo . Leyo nceku yayisimkhiphela phandle , yahluthulela emnyango emva kwakhe.

AbAhluleli 19:22

Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango ; basho kum ninindlu, ixhegu, bathi: Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.

AbAhluleli 4:20

Wathi kuye: Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: Kukhona muntu lapha na? uthi: Qha.

AbAhluleli 9:52

U-Abimeleki wafika embhoshongweni, walwa nawo, wasondela emnyango wombhoshongo ukuba awushise ngomlilo.

AmaHubo 84:10

Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.

IzAga 5:8

Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

NgokukaJohane 18:16

kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu , wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54)

NgokukaJohane 18:17

Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru : Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na? Wathi yena: Angisiye.

NgokukaLuka 11:7

yena-ke ophakathi aphendule athi : U ngangihluphi; sekuvaliwe emnyango , nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike, na?

NgokukaLuka 13:25

Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango , niqale ukuma ngaphandle , ningqongqothe emnyango , nithi: Nkosi, sivulele, uyakuphendula, athi: Anginazi lapho nivela khona.

NgokukaMarku 15:46

Wathenga indwangu enhle , wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni , wagingqela itshe emnyango wethuna.

NgokukaMarku 16:3

Bakhuluma bodwa, bathi: Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?

NgokukaMathewu 25:10

Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni ; kwavalwa emnyango.

NgokukaMathewu 27:60

wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqo phe edwaleni , wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.

U-Eksodusi 12:22

Nothatha isithungu sehisopi , nisicwilise egazini elisemcengezini , nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini ; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

U-Eksodusi 21:6

khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu , isimise emnyango noma ensikeni yomnyango , inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo , size simkhonze kuze kube phakade.

U-Eksodusi 40:12

Ulethe u -Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana , ubageze ngamanzi.

UDaniyeli 3:26

Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo ; wakhuluma wathi : Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego , nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke , phumani nize lapha . Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.

UDuteronomi 15:17

uyakuthatha usungulo , ubhobozele indlebe yakhe emnyango , abeseba yinceku yakho kuze kube phakade . Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.

UGenesise 18:1

UJehova wabonakala kuye ngasema -okini aseMamre , ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.

UGenesise 18:2

Waphakamisa amehlo akhe , wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe ; wathi ukuba awabone , wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,

UHezekeli 47:1

Wayesengibuyisela emnyango wendlu ; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumal anga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi , ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.

UJobe 31:34

ngokuba ngesaba isixuku esikhulu , ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango --

ULevitikusi 10:7

Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose.

ULevitikusi 17:4

engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova , lowo muntu wobalelwa icala legazi ; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 17:9

engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova , lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo. Igazi alinakudliwa

ULevitikusi 8:33

Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa , kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu , ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.

UNehemiya 3:21

Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka -Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.

UNumeri 6:13

Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana,