Skip to Content

"encane"

30 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:27

Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela ; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?

1 iziKronike 17:17

Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho , Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude , wangibuka kungathi ngi ngumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 4:3

Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yi nina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.

1 kwabaseKorinte 5:6

Akukuhle ukuzibonga kwenu . Anazi yini ukuthi imv ubelo encane ibilisa inhlama yonke na?

2 AmaKhosi 5:2

Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo , abuya ezweni lakwa -Israyeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani.

2 iziKronike 22:1

Abakhileyo eJerusalema babeka u -Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe , ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase -Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

2 iziKronike 6:18

Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na ? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela ; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?

2 uSamuweli 7:19

Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude , ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.

2 uSamuweli 9:12

UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika . Bonke ababehlala endlini kaSiba babe yizinceku zikaMefibosheti.

IsAmbulo 10:10

Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi , ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.

IsAmbulo 10:2

iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo . Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi,

IsAmbulo 10:9

Ngaya kuyo ingelosi ; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane . Yayisithi kimi: Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho , kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.

IzAga 10:20

Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; ingqondo yababi iyinto encane.

NgokukaLuka 15:12

Encane yawo yayisithi kuyise : Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami ; wawahlukanisela impahla.

NgokukaLuka 15:13

Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude , yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.

NgokukaMarku 7:25

Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane i nomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe.

U-Amose 6:11

Ngokuba bhekani , uJehova uyayaleza : uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.

U-Eksodusi 6:9

UMose wakhuluma -ke kanjalo kubo abantwana bakwa -Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.

UGenesise 19:35

Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku ; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

UGenesise 19:38

Encane yazala indodana nayo , yaqamba igama layo ngokuthi uBenami ; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.

UGenesise 1:16

UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu , inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini , nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku , kanye nezinkanyezi.

UGenesise 27:15

URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

UGenesise 27:42

URebeka watshelwa amazwi ka -Esawu indodana yakhe enkulu ; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane , wathi kuye: Bheka, umnewenu u- Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.

UGenesise 29:18

UJakobe wamthanda uRaheli ; wathi: Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.

UGenesise 42:13

Base bethi kuye : Thina zinceku zakho ziy izelamani eziyishumi nambili , amadodana andodanye ezweni laseKhanani ; bheka, encane ikubaba manje , enye ayisekho.

UGenesise 42:32

siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa ; enye ayisekho , encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.

UGenesise 9:24

UNowa waphaphama ekudakweni , wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.

UHezekeli 16:47

Awuhambanga ngezindlela zabo , awenzanga ngezinengiso zabo , kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje , wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.

UNumeri 16:13

kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?

UNumeri 16:9

kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka -Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza,