Skip to Content

"eningi"

24 occurrences in ZUL

1 iziKronike 20:2

UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

1 iziKronike 22:3

UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,

1 kuThimothewu 2:9

Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda , kungabi ngezinwele ezalukiweyo , nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi,

2 AmaKhosi 12:10

Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni , umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka , bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova.

2 iziKronike 14:14

Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari , ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo ; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo.

2 iziKronike 24:11

Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi , nalapho zibona ukuthi imali iningi , umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza , bawuthulula umphongolo , bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo . Benze njalo imihla ngemihla , baqoqa imali eningi.

2 iziKronike 25:13

Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emu va ngu -Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horo ni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu , bathatha impango eningi.

2 iziKronike 28:8

Abantwana bakwa -Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili , abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.

2 iziKronike 32:29

Wazenzela nemizi , nemfuyo yezimvu , nezinkomo eziningi , ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.

2 uSamuweli 12:30

Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo ; isisindo sawo sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide ; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

IsAmbulo 8:3

Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.

IzAga 15:16

Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

IzAga 15:6

Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi , kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.

NgokukaLuka 12:19

Bese ngithi kuwo umphefumulo wami : Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.

NgokukaMathewu 28:12

Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi,

U-Eksodusi 12:38

Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu , nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.

UDaniyeli 11:13

Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala , ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.

UDaniyeli 7:5

Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, samiswa ngolunye uhlangothi , izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso ; kwathiwa kuso: Vuka, udle inyama eningi.

UDuteronomi 28:38

Uyakuphuma nembewu eningi , uye ensimini , ubuthe okuyingcosana , ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane.

UGenesise 15:14

Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.

UJeremiya 2:22

Ngokuba noma ugeza ngesoda , uzithathele insipho eningi , ububi bakho bulotshiwe phambi kwami, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 51:13

Wena ohlala ngasemanzini amakhulu , nonengcebo eningi , sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.

UJoshuwa 22:8

Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.

UNumeri 32:1

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi , nalapho belibona iz we laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,