Skip to Content

"entanyeni"

30 occurrences in ZUL

IzAga 1:9

ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho , nemigexo entanyeni yakho.

IzAga 3:22

kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho.

IzAga 3:3

Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho , ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

IzAga 6:21

Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.

IzEnzo 15:10

Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?

NgokukaLuka 15:20

Yayisisuka, yafika kuyise ; kepha ku the isekude , uyise wayibona , waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.

NgokukaLuka 17:2

Kungcono kuye ukuba itshe lokusila l igaxwe entanyeni yakhe , alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.

NgokukaMarku 9:42

Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe , aphonswe elwandle.

NgokukaMathewu 18:6

Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi , kungcono k uye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe , azikiswe ekujuleni kolwandle.

U-Isaya 10:27

Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo wal o ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho. Liyakhuphuka eRimoni,

U-Isaya 30:28

ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo , uze ufinyelele entanyeni, ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubh isa; itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

U-Isaya 8:8

utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.

UDaniyeli 5:16

Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo , uthukulule amafindo ; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo , ungazise incazelo yawo , uyakwembathiswa okububende , ube nomgexo wegolide entanyeni yakho , ubuse ube ngowesithathu embusweni.

UDaniyeli 5:29

Khona uBelishasari wayaleza , bamembathisa u Daniyeli okububende , bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe , benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.

UDaniyeli 5:7

Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni.

UDuteronomi 28:48

uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba , nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.

UGenesise 27:40

Uyakuphila ngenkemba yakho , umkhonze umfowenu ; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.

UGenesise 41:42

UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe , wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo , wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.

UGenesise 45:14

Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini , wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.

UGenesise 46:29

UJosefa wayesebophela inqola yakhe , wakhuphuka ukumhlangabeza u - Israyeli uyise eGosheni ; wazibonakalisa kuye , wawa entanyeni yakhe , wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

UHezekeli 16:11

Ngakuvunulisa ngezivunulo, ngafaka amasongo ezandleni zakho nomnaka entanyeni yakho.

UHoseya 11:4

Ngabadonsa ngezintambo zomuntu , ngamagoda othando ; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.

UJeremiya 27:2

Usho kanje uJehova kimi , uthi: Zenzele izintambo namajoka , ukubeke entanyeni yakho,

UJeremiya 28:10

Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.

UJeremiya 28:11

UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari , inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke . Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.

UJeremiya 28:12

Lase lifika izwi likaJehova kuJeremi ya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:

UJeremiya 28:14

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.

UJeremiya 30:8

Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,

UJobe 41:22

Entanyeni yakhe kuhlala amandla, nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.

ULevitikusi 5:8

awalethe kumpristi oyakunikela ngelomnikelo wesono kuqala , alishumpule inhloko entanyeni, angalidabuli kodwa,