Skip to Content

"ephakemeyo"

26 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:7

USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJer usalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.

1 AmaKhosi 13:33

Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.

1 AmaKhosi 3:4

Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona , ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu ; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.

1 iziKronike 16:39

noSadoki umpris ti nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni

1 iziKronike 21:29

Ngokuba itabernakele likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi.

1 uSamuweli 10:13

Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.

1 uSamuweli 10:5

Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini , uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu , nesigubhu, negenkle, nehabhu phambi kwabo, beprofetha;

1 uSamuweli 9:12

Abaphendula athi : Ukhona; nangu ngaphambi kwakho ; shesha kodwa , ngokuba ufikile namuhla emzini , lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;

1 uSamuweli 9:13

ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana , engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla ; ngokuba abantu abayikudla engakafiki , lokhu nguye obusisa umhlatshelo , andukuba abamenyi weyo badle . Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.

1 uSamuweli 9:14

Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo.

1 uSamuweli 9:19

USamuweli wamphendula uSawule, wathi: Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwam i, uye endaweni ephakemeyo , ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa , ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.

1 uSamuweli 9:25

Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini ; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.

2 AmaKhosi 23:15

I-altare elaliseBethele , nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa u -Israyeli, nalelo altare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza , yayishisa ind awo eph akemeyo, yayicolisisa yaba yincushuncushu, yashisa no-Ashera.

2 iziKronike 1:13

USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.

2 iziKronike 1:3

Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye , waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane.

2 uSamuweli 22:3

uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami ; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

AmaHubo 18:2

Jehova uyidwala lami , nenqaba yami , nomkhululi wami ; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo , nesihlangu sami , nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

IzEnzo 13:17

UNkulunkulu walesi sizwe sakwa -Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe ; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.

U-Isaya 16:12

Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.

U-Isaya 2:15

naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo , naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

U-Isaya 57:15

Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu , ohlala kuze kube phakade , ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

UHezekeli 16:24

wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke.

UHezekeli 16:31

Wakha iqhugwane lakho ezingosini zezitaladi , wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, ungaba nganjengezifebe ngokudelela inkokhelo,

UHezekeli 17:22

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nami ngiyakuthatha esihlokweni somsedari omude , ngisitshale, nginqume emagatsheni amasha aphezulu elithambileyo, ngilitshale entabeni ende ephakemeyo,

UHezekeli 20:29

Ngase ngithi kubo: Iyini indawo ephakemeyo eniya kuyo na ? Lase libizwa igama layo ngokuthi indawo ephakemeyo kuze kube namuhla.

UJobe 38:15

Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.