Skip to Content

"epheleleyo"

17 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:22

UDavide wathi ku -Orinani: Nginike indawo yalesi sibuya ukub a ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.

1 iziKronike 21:24

Inkosi uDavide yathi ku -Orinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo , ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho , nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.

1 iziKronike 28:9

Wena Solomoni , ndodana yami , yazi uNkulunkulu kayihlo , umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo , ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke , uqonda zonke izizindlo zemicabango ; uma umfuna , uyakufunyanwa nguye ; kepha uma umshiya , uyakukulahla kuze kube phakade.

1 iziKronike 29:19

unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.

1 iziKronike 29:9

Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo , ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu. Ukubonga nokukhuleka kukaDavide

1 kuThimothewu 5:2

abesifazane abadala njengawonyoko , nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo. Ngabafelokazi

2 AmaKhosi 20:3

Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho . Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

2 iziKronike 19:9

wabayala wathi : Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova , ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.

2 iziKronike 25:2

Wenza okulungile emehlweni kaJehova , kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.

2 uSamuweli 13:23

Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u -Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no -Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi.

2 uSamuweli 14:28

U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo , engabuboni ubuso benkosi.

2 uSamuweli 8:2

Washaya nabakwaMowabi , wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa . AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

AmaHubo 139:22

Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.

EkaJakobe 3:2

Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.

U-Isaya 38:3

wathi: Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho. Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

UNumeri 11:20

kepha inyanga epheleleyo , ize iphume ngamakhala enu , inengeke kini , ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu , nakhala phambi kwakhe ngokuthi: Saphumelani eGibithe na?

UNumeri 11:21

Wayesethi uMose : Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi : Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.