Skip to Content

"ephuma"

30 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 12:12

Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni ephuma ukulwa nani , nathi kimi : Hhayi, kepha masibuswe yinkosi , ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.

1 uSamuweli 17:23

Kepha esakhuluma nabo , bheka, kwenyuka iqhawe elik hulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.

1 uSamuweli 17:55

Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangab ezana nomFilisti , wathi ku-Abineri induna yempi : Abineri, yindodana kabani lo mfana na ? U- Abineri wathi: Kuphila kwakho, nkosi, angazi.

1 uSamuweli 28:13

Inkosi yayisithi kuye: Ungesabi; ubonani na? Owesifazane wathi kuSawule: Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.

AbAhluleli 1:24

Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini , zathi kuye: Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.

AbAhluleli 21:21

nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona , anophuma ezivinini , nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

AmaHubo 19:5

Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe ; lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.

AmaHubo 81:5

Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe . Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

IsAmbulo 19:21

Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.

IzEnzo 18:2

Wafumana khona umJuda oth ile ogama lakhe lingu -Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e -Italiya, enoPrisila umkakhe , ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma ; weza kubo;

IzEnzo 8:26

Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu , yathi: Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.

IzEnzo 9:28

Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,

NgokukaJohane 11:31

AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza , bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: Uya ethuneni ukuba akhale khona.

NgokukaLuka 11:53

Kuthe ephuma lapho , ababhali nabaFarisi baqala ukumzonda kabi nokumbuzisisa ngokuninginingi,

NgokukaLuka 11:54

bemqamekela ukuba babambe into ephuma emlonyeni wakhe.

NgokukaLuka 2:4

Naye uJosefa wa khuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha , waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema , ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,

NgokukaMarku 13:1

Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!

NgokukaMarku 6:34

Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.

NgokukaMathewu 15:21

UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.

NgokukaMathewu 17:27

Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala ; wothi ukuba uyivule umlomo , uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.

NgokukaMathewu 24:1

Kuthe uJesu ephuma ethempelini , emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli.

U-Eksodusi 28:35

U-Aroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala , nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova , nanxa ephuma, ukuze angafi.

U-Eksodusi 33:8

Kwathi uMose ephuma eya etendeni , bonke abantu basukuma bema , kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe , bambuka uMose waze wangena etendeni.

UDuteronomi 18:3

Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu , ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.

UDuteronomi 33:2

UJehova wavela eSinayi , wabaphumela evela eSeyiri , wanyampuza entabeni yasePharanu , weza ephuma ezigidini zendawo engcwele ; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

UGenesise 12:4

Wayesesuka u -Abrama, njengalokho uJehova emtshelile ; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.

UHezekeli 4:12

Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali , uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.

UJobe 37:2

Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.

UNumeri 12:12

Ake anga bi njengofileyo , onyama yakhe idliwe inxenye , nxa ephuma esizalweni sikanina.

UZakariya 6:5

Ingelosi yaphendula, yathi kimi : Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.