Skip to Content

"ese"

4 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:4

Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i - altare laseBethele , uJerobowamu waselula isandla sakhe ese -altare, wathi: Mbambeni. Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.

UJeremiya 32:7

Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe , athi: Zithengele insimu yami ese -Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.

UJeremiya 32:8

Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: Ake uyithenge insimu yami ese -Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho , nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona. Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.

UJeremiya 32:9

Ngayithenga insimu ese -Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.