Skip to Content

"esekuzwile"

8 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:21

Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa.

2 iziKronike 16:5

Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho , wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe.

NgokukaJohane 11:4

UJesu esekuzwile lokho wathi : Lokhu kugula akusikho okokufa , kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.

NgokukaMathewu 14:13

Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

NgokukaMathewu 2:3

UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.

U-Eksodusi 2:15

UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro , wahlala ezweni lakwaMidiyani ; wahlala phansi ngasemthonjeni.

UNumeri 11:1

Kwathi abantu bakhonona , kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe ; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.

UNumeri 16:4

UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe;