Skip to Content

"esifubeni"

25 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:19

Kepha wathi kuye : Nginike indodana yakho . Wayithatha esifubeni sakhe , wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho e hlala khona , wayibeka embhedeni wakhe.

1 AmaKhosi 3:20

Wavuka phakathi kwamabili , wathatha umfana wami eceleni kwami , incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.

2 uSamuweli 12:3

kepha empofu yayingenalutho , inexhukazana lilinye elincane nje kuphela , eyayilithengile yalondla ; lakhulela kuyo nakubantwana bayo ; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo , lalala esifubeni sayo , lalinjengendodakazi kuyo.

2 uSamuweli 12:8

ngakunika indlu yenkosi yakho , nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho , ngakupha indlu yakwa -Israyeli neyakwaJuda ; uma lok ho bekukuncane , ngangiyakukwenezela lokhu nalokho.

AmaHubo 35:13

Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

AmaHubo 74:11

Usihoshelani isandla sakho , isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.

AmaHubo 79:12

Buyisela kubakhelwane bethu , kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

AmaHubo 89:50

Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,

IzAga 21:14

Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka , nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

IzAga 6:27

Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?

NgokukaJohane 13:23

Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.

NgokukaJohane 13:25

Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: Nkosi, ngubani na?

NgokukaJohane 21:20

UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela , oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni , nowathi: Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?

NgokukaLuka 16:22

Kwase kuthi wafa ompofu , wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika- Abrahama; nesicebi safa, sembelwa.

NgokukaLuka 6:38

Yiphani, khona niyakuphiwa ; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

U-Eksodusi 4:6

UJehova wathi futhi kuye : Faka isandla sakho esifubeni sakho . Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe ; lapho esesikhipha , bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.

U-Eksodusi 4:7

Wayesethi kuye : Buyisela isandla sakho esifubeni sakho . Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe ; kuthe esikhipha esifubeni sakhe , bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.

U-Isaya 32:12

Zishayeni esifubeni ngenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.

U-Isaya 40:11

Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane. Ngubani onjengoNkulunkulu na?

U-Isaya 49:22

Isho kanje iNkosi uNkul unkulu, ithi: Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami, ngimisele abantu ibhanela lami ; bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo, namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.

UGenesise 16:5

USarayi wathi ku -Abrama: Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho . Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo ; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.

UJeremiya 32:18

wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane , ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo , ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,

UJobe 19:27

engiyakumbona uqobo lwami ; amehlo ami ayakumbona , kungabi njengomfokazi; okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.

UJobe 31:33

uma ngisibekele iziphambeko zami njengo -Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,

URuthe 4:16

UNawomi wamthatha umntwana , wamgona esifubeni sakhe , waba ngumzanyana wakhe.