Skip to Content

"esinamandla"

38 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:42

ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu , nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,

1 kaPetru 5:6

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,

2 iziKronike 6:32

Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,

2 uSamuweli 22:18

Wangophula esitheni sam i esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

AmaHubo 136:12

ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo , ngokuba umusa wakhe umi phakade;

AmaHubo 71:7

Nginjengesimangaliso kwabaningi , kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.

KwabaseRoma 15:1

Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla singazithokozisi thina.

NgokukaMarku 1:27

Bethuka bonke , babuzana bodwa , bathi: Kuyini lokhu ? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.

U-Eksodusi 13:14

Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo , ithi: Kuyini lokhu? wothi kuyo : Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe , indlu yobugqila.

U-Eksodusi 13:16

Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe. Ukuhamba kwabakwa-Israyeli ukuya eLwandle Olubomvu

U-Eksodusi 13:3

UMose wayesethi kubantu: Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.

U-Eksodusi 13:9

Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho , kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wak ho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.

U-Eksodusi 3:19

Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.

U-Eksodusi 6:1

UJehova wathi kuMose: Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe , nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.

U-Isaya 18:2

elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni , isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

U-Isaya 18:7

Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawot i yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo , sivela kubantu abesa bekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo , esilizwe laso lidatshulwe yimifula , endaweni yegama likaJehova Sebawoti , intaba yaseSiyoni.

U-Isaya 28:2

Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla ; uyakuwisa phansi ngamandl a njengesivunguvungu esi nesichotho, nesiphepho esichithayo , nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.

U-Isaya 60:22

Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.

U-Isaya 8:11

Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla , wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:

UDaniyeli 9:15

Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

UDuteronomi 11:2

Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe , nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo,

UDuteronomi 34:12

nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

UDuteronomi 3:24

Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?

UDuteronomi 4:34

UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangengebhe enkulu njengakho konke uJeho va uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?

UDuteronomi 5:15

Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezwe ni laseGibit he nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.

UDuteronomi 6:21

uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi : S asiyizigqila zikaFaro eGibithe ; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla;

UDuteronomi 7:19

izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho , nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla , nengalo eyelul iweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho ; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.

UDuteronomi 7:8

kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla , wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.

UDuteronomi 9:14

ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu , ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.

UDuteronomi 9:26

Ngakhuleka kuJehova , ngathi: Jehova Nkulunkulu , ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho , walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.

UGenesise 18:18

U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.

UHezekeli 20:33

Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.

UHezekeli 20:34

Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu , nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangokufutheka okuthululiweyo,

UJeremiya 32:21

wabakhipha abantu bakho u -Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangengebhe enkulu,

UJeremiya 5:15

Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwen u isizwe esivela kud e nina ndlu ka - Israyeli, usho uJehova; yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.

UJoweli 1:6

Ngokuba kwenyukele ezweni lam i isizwe esinamandla nesingenakubalwa ; amazinyo aso angamazinyo engonyama , namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.

UMika 4:7

ngenze abaqhugayo babe yinsali , abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.

UNumeri 20:20

Kepha wathi: Awuyikudabula. U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.