Skip to Content

"esiqinileyo"

6 occurrences in ZUL

2 kuThimothewu 2:19

Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi : INkosi iyabazi abangabayo, nokuthi: Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.

U-Eksodusi 32:11

UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?

U-Eksodusi 6:1

UJehova wathi kuMose: Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe , nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.

UDaniyeli 6:7

Bonke abongameli bombuso , nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi , kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emph andwini wezingonyama.

UHezekeli 19:12

Kepha wasishulwa ngokufutheka , waphonselwa phansi , umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo ; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa , sabuna, umlilo wasiqeda.

UNehemiya 1:10

Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.