Skip to Content

"etilongweni"

43 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:27

uthi: Isho kanje inkosi , ithi: Fakani lona etilongweni , nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.

2 AmaKhosi 17:4

Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya , ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe , engasenyusi ntela enkosini yase -Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla ; ngalokho inkosi yase -Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.

2 AmaKhosi 25:27

Kwathi ngomnyaka wamashumi amatha thu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe , waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,

2 iziKronike 18:26

nithi: Isho kanje inkosi , ithi: Fakani lona etilongweni , nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.

AbAhluleli 16:21

AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.

IsAmbulo 20:7

Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane , uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,

IsAmbulo 2:10

Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho . Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe , futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.

IzEnzo 12:17

Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule , wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni , wathi: Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu . Wayesephuma, waya kwenye indawo.

IzEnzo 12:4

Wambamba, wamfaka etilongweni , wamnikela emaviyweni amane , yilelo nalelo linamabutho amane , ukuba amlinde , ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.

IzEnzo 12:5

Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.

IzEnzo 12:7

Bheka, yafika ingelosi yeNkosi , kwakhanya ukukhanya etilongweni , yamshaya uPetru ohlangothini , yamvusa ithi : Shesha usuk ume. Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.

IzEnzo 16:23

sezibashayile imivimbo eminingi , zabaphonsa etilongweni , zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela;

IzEnzo 16:24

yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. Ukuphenduka komgciniziboshwa

IzEnzo 16:37

Kepha uPawulu wathi kuzo : Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma , basiphonsa etilongweni ; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.

IzEnzo 16:40

Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya ; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.

IzEnzo 4:3

bababamba, babafaka etilongweni kwaze kw aba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.

IzEnzo 5:18

babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.

IzEnzo 5:22

Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni ; zase zibuyela emuva, zabika

IzEnzo 5:25

Kepha kwafika omunye , wababikela wathi : Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.

IzEnzo 8:3

Kepha uSawulu walichitha ibandla , engena ezindlini ng ezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. UFiliphu ushumayela eSamariya

KumaHeberu 11:36

abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa , yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;

NgokukaJohane 3:24

Ngokuba uJohane wayengakafakwa etilongweni.

NgokukaLuka 12:58

Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye , funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli , umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni.

NgokukaLuka 23:19

yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala.

NgokukaLuka 23:25

Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Mark. 15:22; Joh. 19:17)

NgokukaLuka 3:20

wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.

NgokukaMarku 6:17

Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane , wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye.

NgokukaMarku 6:27

Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni.

NgokukaMathewu 14:10

yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.

NgokukaMathewu 14:3

Ngokuba uHerode wayembambile uJohane , wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,

NgokukaMathewu 18:30

Kepha ayivumanga , kodwa yahamba, yayifaka etilongweni , ize ilikhokhe lelo cala.

NgokukaMathewu 5:25

Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni , funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.

U-Isaya 24:22

Bayakubuthelwa ndawony e njengeziboshwa zibuthelwa emgodini , bavalelwe etilongweni, bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.

U-Isaya 42:7

ukuze uvule amehlo ezimpumputhe , ukhiphe iziboshwa etilongwen i nabahlezi ebumnyameni etilongweni.

UGenesise 39:20

Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.

UGenesise 40:3

Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindanko si etilongweni , indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa.

UGenesise 40:5

Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye , yilowo nalowo ngoko kuchazwa kwephupho lakhe , umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe , ababeboshwe etilongweni.

UJeremiya 37:18

UJeremiya wathi futhi enkosini uSedekiya : Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake etilongweni na?

UJeremiya 37:4

UJeremiya wangena , waphuma phakathi kwabantu , ngokuba babengakamfaki etilongweni.

UJeremiya 52:11

Yakhipha namehlo kaSedekiya ; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele , yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

UJeremiya 52:31

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi nambili , ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,

ULevitikusi 24:12

Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.

UmShumayeli 4:14

ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi , yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.