Skip to Content

"evela"

58 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:41

Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho

1 kaPetru 1:12

abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona. UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele

1 kwabaseKorinte 11:12

ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni , kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.

1 kwabaseThesalonika 3:6

Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini , esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu , nokuthi nisikhumbula kahle njalo , nokuthi nilangazelela ukusibona , njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,

1 uSamuweli 11:5

Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: Yini ukuba abantu bakhale na? Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.

2 iziKronike 14:8

U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto , evela kwaJuda , iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo , iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla.

2 iziKronike 2:8

Ngithumele futhi imisedari, nemisayipuresi, nemi-alimugi evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho

2 iziKronike 6:32

Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,

2 iziKronike 9:28

Bamlethela uSolomoni amahhashi evela eGibithe nasemazweni onke.

2 kwabaseThesalonika 1:7

aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,

2 uSamuweli 5:13

UDavide wazithathela ezin ye izancinza nabafazi eJerusalema , esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.

AbAhluleli 7:23

Amadoda akwa -Israyeli ayebuthene evela kwaNafetali , nakwa-Asheri, nakulo lonke lakwaManase, abaxosha abakwaMidiyani.

IzEnzo 11:11

Bhekani, ngaso leso sikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya.

IzEnzo 28:21

Base bethi kuye : Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya , akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.

IzEnzo 2:5

Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema , amadoda akholwayo , evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;

KumaHeberu 11:19

ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.

KwabaseGalathiya 1:8

Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulw ini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona , makabe ngoqalekisiweyo.

KwabaseKolose 4:16

Nxa le ncwadi isifundiwe kini , bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.

NgokukaJohane 10:32

UJesu wabaphendula wathi : Nginitshengise im isebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?

NgokukaJohane 15:26

Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba , uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.

NgokukaJohane 4:47

Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya , yaya ku ye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.

NgokukaJohane 4:54

Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.

NgokukaJohane 6:23

kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;

NgokukaJohane 7:27

Kodwa lo siyamazi lapho evela khona ; kepha uKristu, nxa efika , akakho owazi lapho evela khona.

NgokukaJohane 9:29

Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose , kodwa lo asimazi lapha evela khona.

NgokukaJohane 9:30

Waphendula lowo muntu , wathi kubo: Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami.

NgokukaLuka 11:6

ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni , kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;

NgokukaLuka 20:7

Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.

NgokukaLuka 23:26

Kwathi bemuka naye , babamba uSimoni waseKhurene evela endle , bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu.

NgokukaLuka 8:49

Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge , wathi kuye : Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.

NgokukaMarku 15:21

Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka- Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)

NgokukaMarku 1:9

Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.

NgokukaMarku 7:17

Kuthe esengene endlini , evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso.

NgokukaMathewu 3:13

Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye.

U-Isaya 13:6

Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele ; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.

U-Isaya 32:15

uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu , nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.

U-Isaya 60:9

Iziqhingi ziyangihlalela , imikhumbi yaseTharishishi kuqala , ukuletha amadodana akho evela kude , enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.

U-Obadiya 1:1

Umbono ka -Obadiya. Isho k anje iNkosi uJehova ngo -Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova , kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: Vukani, simvukele ngokulwa.

UDaniyeli 11:44

Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho ; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.

UDuteronomi 18:6

Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa -Israyeli wonke , lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,

UDuteronomi 33:2

UJehova wavela eSinayi , wabaphumela evela eSeyiri , wanyampuza entabeni yasePharanu , weza ephuma ezigidini zendawo engcwele ; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

UDuteronomi 4:36

Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.

UDuteronomi 5:22

Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo , nefu, nesigayegaye, ngezwi eli khulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe , wanginika zona.

UGenesise 25:29

Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe.

UGenesise 26:26

U-Abimeleki wayeseya ku ye evela eGerari , eno-Ahuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe.

UGenesise 27:30

Kwathi u -Isaka eseqede ukumbusisa uJakobe , uJakobe esand ukuphuma ebusweni buka -Isaka uyise , wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.

UGenesise 33:18

UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani , evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.

UGenesise 35:9

UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu , wambusisa.

UHezekeli 26:7

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele , evela enyakatho , eyinkosi yamakhosi , enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.

UHezekeli 29:18

Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele waseb enzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire ; onke amakhanda aphuculwa , onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.

UHezekeli 47:1

Wayesengibuyisela emnyango wendlu ; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumal anga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi , ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.

UHezekeli 9:2

Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni , inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

UJeremiya 41:5

kwafika amadoda angamashumi ayisis hiyagalombili evela eShekemi , naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe , bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.

UJeremiya 49:14

Ngizwile imibiko evela kuJehova ; kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi: Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.

UJeremiya 6:20

Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki , nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.

UJobe 21:2

Yizwani nokuzwa amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.

UNumeri 3:9

Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.

URuthe 2:4

Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema , wathi kwabavunayo : UJehova makabe nani. Bathi kuye: UJehova makakubusise.