Skip to Content

"ewufrathe"

20 occurrences in ZUL

1 iziKronike 18:3

UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.

1 iziKronike 5:9

Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.

2 AmaKhosi 23:29

Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase- Asiriya ngasemfuleni u -Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.

2 AmaKhosi 24:7

Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo , ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe , kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe. OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda

2 iziKronike 35:20

Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli , uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase -Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.

IsAmbulo 16:12

Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.

IsAmbulo 9:14

lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo : Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.

UDuteronomi 11:24

Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela e hlane naseLebanoni naseMfuleni , umfula u -Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.

UDuteronomi 1:7

phendukani nihambe , niye entabeni yama -Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e -Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle , ezweni lamaKhanani , naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.

UGenesise 15:18

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no -Abrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:

UGenesise 2:14

Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase- Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.

UJeremiya 13:4

Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e- Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.

UJeremiya 13:5

Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.

UJeremiya 13:6

Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.

UJeremiya 13:7

Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.

UJeremiya 46:10

Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti , usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye . Inkemba iyakudla isuthe , izanelise ngegazi labo , ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inom hlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.

UJeremiya 46:2

NgeGibithe ngempi kaFaro Nekho inkosi yaseGibith e eyayingasemfuleni u - Ewufrathe eKharikemishi , owayinqoba uNebukadinesari , inkosi yaseBabele , ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.

UJeremiya 46:6

Onejubane makangabaleki naye, kungaphunyuki neqhawe; ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathe bayakhubeka, bawe.

UJeremiya 51:63

Lapho usuqedile ukuyifunda le ncwadi , uyakubopha itshe kuyo, uyiphonse e-Ewufrathe,

UJoshuwa 1:4

Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu , umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti , nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu.