Skip to Content

"eyikhulu"

30 occurrences in ZUL

1 iziKronike 8:40

Amadodana ka -Ulamu ayengamaqhawe anamandla , ansala umnsalo ; ayenamadodana amaningi namadodana amadodan a amaningi , eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.

2 iziKronike 24:15

Kodwa uJehoyada waguga , wafa esanelisiwe yizinsuku ; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.

AbAhluleli 2:8

UJoshuwa indodana kaNuni , inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.

IzAga 17:10

Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

U-Eksodusi 6:16

Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo : ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

U-Eksodusi 6:18

Amadodana kaKohati : ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.

U-Isaya 65:20

Kusukela laph o akusayikuba khona ingane yezinsuku nj e nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo , ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.

UDuteronomi 31:2

wathi kubo : Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla ; angisenamandla okup huma nokungena ; uJehova ushilo kimi ukuthi : Awuyikuliwela leli Jordani.

UDuteronomi 34:7

UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe ; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.

UGenesise 11:10

Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.

UGenesise 11:25

Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.

UGenesise 17:17

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe , wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na ? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?

UGenesise 21:5

U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu , lapho ezalelwa u -Isaka indodana yakhe.

UGenesise 23:1

Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.

UGenesise 25:17

Le iyiminyaka yokuhamba kuka -Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.

UGenesise 25:7

Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka -Abrahama azihambayo : iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.

UGenesise 35:28

Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

UGenesise 47:28

UJakobe wahlala ez weni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe , zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.

UGenesise 47:9

UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.

UGenesise 50:22

UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi.

UGenesise 50:26

Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi ; bamgqumisa ngemithi , wafakwa ebhokisini eGibithe.

UGenesise 5:18

UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithu pha namabili , wazala u-Enoke.

UGenesise 5:25

UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka.

UGenesise 5:28

ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.

UGenesise 5:3

U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

UGenesise 5:6

USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe.

UGenesise 6:3

Wayesethi uJehova: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu , njengokuba eyinyama nje ; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.

UJobe 42:16

Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

UJoshuwa 24:29

Kwathi emva kwalezo zinto uJoshuwa indodana kaNuni , inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.

UNumeri 33:39

U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.