Skip to Content

"ezindleleni"

38 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:26

Ngokuba waham ba ezindleleni zonke zikaJerobowamu , indodana kaNebati, nasezonweni zakhe onisa ngazo u -Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.

1 AmaKhosi 2:3

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,

2 AmaKhosi 17:13

Nokho uJehova wayexwayisile o -Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi : Phendukani ezindleleni zenu ezimbi , nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umth etho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.

2 iziKronike 17:6

Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova ; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda.

2 iziKronike 7:14

bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami , bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi , ngiyakuzwa ezulwini , ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

AbAhluleli 5:20

Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.

AmaHubo 119:101

Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi , ukuze ngigcine izwi lakho.

AmaHubo 119:3

abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe;

AmaHubo 125:5

Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensong e uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka - Israyeli.

AmaHubo 145:17

UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke , unomusa emiseb enzini yakhe yonke.

AmaHubo 17:4

Emisebenzini yabantu ngiyazilinda , ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.

AmaHubo 23:3

Ubuyisa umphefumulo wami ; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

AmaHubo 81:13

Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

AmaHubo 8:8

nezinyoni zezulu , nezinhlanzi zolwandle , nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

AmaHubo 91:11

Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.

EkaJakobe 1:11

Ngokuba ilanga liphuma libalele , libunisa utshani , imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale ; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.

EkaJakobe 1:8

umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

IzAga 2:19

Bonke abangena kuye ababuyi, bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.

IzAga 2:20

Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle, ugcine imikhondo yabalungileyo.

IzAga 3:6

Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.

IzAga 7:25

Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe , ungahambi emikhondweni yakhe.

NgokukaLuka 14:23

Yathi inkosi encekwini : Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.

NgokukaMathewu 22:10

Lezo zinceku zaphuma , zaya ezindleleni , zabutha bonke ezabafumanayo , ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

U-Isaya 26:8

Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho , Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.

U-Isaya 56:11

Yebo, bayizinja ezihahayo , abakwazi ukusutha ; yebo, laba bangabelu si abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo , kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.

U-Isaya 63:17

Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho , uzenze lukhuni izinhlizi yo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.

U-Isaya 64:5

Wahlangabeza labo ababethokoza ng okwenza ukulunga , labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?

UDuteronomi 26:17

Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;

UDuteronomi 28:29

uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni ; awuyikuphumelela ezindleleni z akho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.

UDuteronomi 28:9

UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo k aJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe.

UDuteronomi 8:6

Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.

UHezekeli 28:15

Wawuphelele ezindleleni zakh o kusukela osukwini lokudalwa kwa kho kwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.

UHezekeli 33:11

Yisho kubo , uthi: Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , angithokozi ngokufa komubi , kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile . Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi ; niyakufelani nina ndlu yakwa - Israyeli na?

UJeremiya 15:7

Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabaphuca abantwana, ngachitha abantu bami; ababuyanga ezindleleni zabo.

UJeremiya 18:15

Ngokuba abantu bami bangikhohliwe , bashisela okuyize impepho , bakhubeka ezindleleni zabo , emendweni yasendul o ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,

UJeremiya 2:23

Ungasho kanjani ukuthi : Angingcolile, angilandelanga oBali , na? Bheka indlela yakho esigodini , wazi ukuthi wenzeni : uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,

UJeremiya 6:16

Usho kanje uJehova , uthi: Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle , nihambe ngayo , niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: Asiyikuhamba ngayo.

UJobe 22:28

Uma unquma indaba , uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.