Skip to Content

"ezingcwele"

62 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:15

Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

1 AmaKhosi 8:4

Bakhuphula umphongolo kaJehova , netende lokuhlangana , nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi.

1 iziKronike 22:19

Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu ; sukani nakhe indlu en gcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.

1 iziKronike 23:28

Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,

1 iziKronike 26:20

KumaLevi u -Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.

1 iziKronike 26:26

Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi , nezinhloko zawoyise , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.

1 iziKronike 28:12

nesifanekiso sakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaJehova , nangamakamelo nxazonke , nangengcebo yendlu kaNkulunkulu, nangengcebo yezinto ezingcwele;

1 kuThimothewu 2:8

Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke , ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana. Maqondana nabesifazane ebandleni

2 AmaKhosi 12:18

UJehowashi, inkosi yakwaJuda , wathatha zonke izinto ezingcwele , ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise , amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe , nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi , wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.

2 AmaKhosi 12:4

UJehowashi wathi kubapristi : Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova , imali eyamukelekayo , imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona , nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,

2 iziKronike 15:18

Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

2 iziKronike 24:7

Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi , ayeyichithile indlu kaNkulunkulu , nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

2 iziKronike 31:12

Base bengenisa iminikelo , nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.

2 iziKronike 31:14

UKore, indodana kaJimna umLevi , umlindisango wasesangwe ni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.

2 iziKronike 31:6

Abantwana bakwa -Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimv u nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo , bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.

2 iziKronike 5:5

Akhuphula umphongolo , netende lokuhlangana , nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi.

AmaHubo 68:35

Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele ; uNkulunkulu ka - Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina ; makadunyiswe uNkulunkulu.

AmaHubo 87:1

Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.

IsAmbulo 14:10

naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe , lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.

NgokukaLuka 9:26

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni , lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.

NgokukaMarku 8:38

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo , neNdodana yom untu iyakuba nezinhloni ngaye , lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.

NgokukaMathewu 25:31

Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;

U-Amose 7:9

Izindawo eziphakemeyo zika -Isaka ziyakuchithwa , nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba. O-Amasiya no-Amose

U-Eksodusi 28:2

Umenzele u -Aroni umfowenu izambatho ezingcwele , ezobukhosi nezokuhlobisa.

U-Eksodusi 28:38

Uyakuba sebunzini lika -Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele , abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.

U-Eksodusi 28:4

Yilezi izambatho abayakuzenza : isihlangu sesifuba , nengubo yamahlombe , nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande, bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

U-Eksodusi 29:29

Izambatho ezingcwele zika -Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.

U-Eksodusi 31:10

nezingubo ezifekethisiweyo , nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,

U-Eksodusi 35:19

nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.

U-Eksodusi 35:21

Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo ya khe nowaqhutshwa ngumoya wakhe , baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.

U-Eksodusi 39:1

Ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu benza izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele ; bamenzela u -Aroni izambatho ezingcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.

U-Eksodusi 39:41

izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele , nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.

U-Eksodusi 40:13

Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.

UDuteronomi 12:26

Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha , uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,

UDuteronomi 26:13

uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho : Ngikhiphile izin to ezingcwele endlini yami , ngamnika zona uLevi , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.

UDuteronomi 26:15

Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UHezekeli 21:2

Ndodana yomuntu , bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema , izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,

UHezekeli 22:26

Abapristi bawo badlovile umthetho wami ; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.

UHezekeli 28:18

Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungil e ungcolisile izindlu zakho ezingcwele ; ngase ngiphum isa umlilo phakathi kwakho , wakuqeda; ngakwenza umlotha emhlaben i emehlweni abo bonke abakubonayo.

UHezekeli 44:13

Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu , kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.

UHezekeli 44:8

Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.

UHezekeli 7:24

Ngiyakuletha izizwe ezimbi kakhulu , zidle izindlu zabo , ngiqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.

UJeremiya 51:51

Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba ; amahloni asibekela ubuso bethu , ngokuba abafokazi bangenile ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.

ULevitikusi 16:32

Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana , afake izambatho zelineni , izambatho ezingcwele,

ULevitikusi 16:4

embathe ibhantshi elingcwele lelineni , abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni , afake isigqoko selineni ; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.

ULevitikusi 21:23

Kuphela akayikungena kuso isihenqo , futhi angasondeli e -altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele , ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.

ULevitikusi 22:12

Uma indodakazi yompristi igana umfokazi , yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele.

ULevitikusi 22:15

Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngazo kuJehova,

ULevitikusi 22:16

bangabethwesi ububi obutholisa icala , lapho bedla izinto zabo ezingcwele ; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo. Imithetho yemihlatshelo

ULevitikusi 22:2

Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

ULevitikusi 22:3

Yisho kubo ukuthi : Yilowo nalowo w enzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa -Israyeli abazingcwelisela uJehova , esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa , angabikho phambi kwami; nginguJehova.

ULevitikusi 22:4

Yilowo nalowo wenzalo ka -Aroni onochoko noma ocucuzayo aka yikudla izinto ezingcwele aze ahlambul uke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo , noma umuntu oshaywa yizibuko,

ULevitikusi 22:6

umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.

ULevitikusi 22:7

Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile , andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.

ULevitikusi 26:31

Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa , ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo ; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwen u olumnandi.

ULevitikusi 5:15

Uma umuntu esenza isiphambeko , one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala , inqama yasemhlambini eng enasici njengokulinganisa kwakho namashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,

UNehemiya 10:33

eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke , neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo , neyezinto ezingcwele , neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka -Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.

UNumeri 10:21

Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele lamiswa, wona engakafiki.

UNumeri 18:19

Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa -Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade ; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.

UNumeri 18:32

Aniyikuthwala sono ngenxa yakho , lapho seniphakamisile okuhle kwakho , ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli ukuba ningafi.

UNumeri 5:10

Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe ; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe. Imithetho yomfazi ophingayo

UNumeri 5:9

Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa- Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.