Skip to Content

"ezinhle"

61 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:10

Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

1 kwabaseThesalonika 3:6

Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini , esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu , nokuthi nisikhumbula kahle njalo , nokuthi nilangazelela ukusibona , njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,

1 uSamuweli 15:15

USawule wathi : Babuye nazo kuma -Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho ; ezinye siziqedile nya.

1 uSamuweli 8:16

Iyakuthatha izinceku zenu , nezincekukazi zenu , nezinsizwa zenu ezinhle , nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo.

2 AmaKhosi 3:25

Bachitha imizi , naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa , kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle , kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.

2 AmaKhosi 8:9

Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza , wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDa maseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe , wathi: Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?

2 iziKronike 19:3

Nokho kufunyaniswa kuwe nezin to ezinhle , ngokuba ususile o -Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu. UJehoshafati umisa abahluleli

2 iziKronike 32:32

Ezinye izindaba zikaHezekiya nezenzo zakhe ezinhle , bheka, zilotshiwe embonweni ka-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.

2 iziKronike 35:26

Ezinye izindaba zikaJosiya , nezenzo zakhe ezinhle nj engokulotshiweyo emthethweni kaJehova,

2 uSamuweli 4:10

umuntu owangit shela ukuthi : Bheka, uSawule ufile , ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle , ngambamba, ngambulala eSikilagi , ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;

AbAhluleli 9:11

Kepha umkhiwane wathi kuyo : Ngiyakubuyeka yini ubumnandi bami nezithelo zami ezinhle, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?

AmaHubo 116:12

Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

AmaHubo 16:6

Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle, yebo, nginalo ifa elihle.

EkaJakobe 1:17

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu , zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

EkaJakobe 3:17

Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe , andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle ; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

IzAga 15:30

Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo , nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.

IzAga 1:5

ukuze ohlakaniphileyo ezwe , aqhubeke ekufundeni , noqondileyo athole iziluleko ezinhle

IzAga 2:9

Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.

IzAga 4:2

Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.

KumaHeberu 10:1

Ngokuba lokhu umthetho unes ithunzi sezinto ezinhle ezizayo , ungesiwo umfanekiso wazo uqobo , ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;

KumaHeberu 8:6

kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu , esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

KumaHeberu 9:11

Kepha lokhu uKristu esefikile , engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,

KwabaseGalathiya 6:6

Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.

KwabaseRoma 10:15

Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.

NgokukaLuka 11:13

Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele. Isono sokuhlambalaza (Math. 12:22; Mark. 3:20)

NgokukaLuka 1:19

Ingelosi yaphendula , yathi kuye : NginguGabriyeli mina , omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe , ngikubikele lezi zindaba ezinhle.

NgokukaLuka 1:53

Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze.

NgokukaLuka 2:10

Ingelosi yathi kubo : Ningesabi; ngokuba bhekani , nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,

NgokukaMathewu 13:48

lithe seligcwele , balidonsela ogwini , bahlala phansi , babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.

NgokukaMathewu 3:10

Izembe selibekiwe empandeni yemithi ; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.

NgokukaMathewu 7:11

Ngakho-ke uma nina enibabi naz i ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.

NgokukaMathewu 7:17

Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle , kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.

NgokukaMathewu 7:18

Umuthi omu hle ungethele izithelo ezimbi , nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.

NgokukaMathewu 7:19

Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa , uphonswe emlilweni.

U-Amose 5:11

Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziwey o aniyikuhlala kuzo , nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.

U-Amose 8:13

Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakudangala ukoma.

U-Eksodusi 39:28

nesigqoko selineni elicolekileyo , nezinye izigqoko ezinhle zelineni elicolekileyo, namabhulukwe elineni ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo,

U-Isaya 23:18

Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova ; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.

U-Isaya 52:1

Vuka, vuka, wembathe amandla akho , Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwe le, ngokuba akusayikungena kuw e ongasokile nongcolileyo.

U-Isaya 52:7

Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle , nomemezela ukuthula , obika izindaba ezinhle , ezwakalise ukusindiswa , oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyinkosi.

UDuteronomi 6:11

nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga , nemithombo embiweyo ongayimbanga , nezivini neminqumo ongakutshalanga , nalapho udla usuthe,

UGenesise 24:10

Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo , yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo ; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.

UGenesise 27:15

URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

UGenesise 41:24

Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.

UGenesise 41:26

Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa ; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.

UGenesise 45:23

Kuyise wathuma kanje : izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi , zithwesiwe amabele , nesinkwa, nomphako kayise endleleni.

UHezekeli 16:17

Wathatha izinto zakho ezinhle , egolideni lami nasesiliveni lami engangikunike khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo.

UHezekeli 16:39

Ngiyakukunikela esandleni sazo , zilibhidlize iqhugwane lakho , zizidilize izindawo zakho eziphakemeyo , zikuhlubule izingu bo zakho , zithathe izinto zakho ezinhle, zikushiye unqunu, uze.

UHezekeli 23:26

Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle.

UHezekeli 24:4

uqoqele kulo izinqamu zalo , zonke izinqamu ezinhle , ithanga n ehlombe, uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.

UHezekeli 26:12

Bayakuphanga imfuyo yakho , bagcugce impahla yakho ethengiswayo , babhidlize izingange zakho , badilize izindlu zakho ezinhle , babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.

UHezekeli 27:20

IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.

UHoseya 10:1

U-Israyeli wayengumvini owenabileyo , ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.

UHoseya 2:13

Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBal i owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle , wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.

UJeremiya 11:16

UJehova wabiza igama lakh o ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle ; ngomsindo wesidumo esikhul u uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.

UJeremiya 13:20

Phakamisani amehlo enu , nibone abavela enyakatho ; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?

UJoshuwa 23:14

Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke ; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.

UJoshuwa 23:15

Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini , kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

UJoweli 3:5

njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami , nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,

UNahume 1:15

Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho , Juda, ugcwalise izithembiso zakho , ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.

UNehemiya 6:19

Bakhuluma ngezenzo zakhe ezinhle phambi kwami, bamukisa kuye amazwi ami. UThobiya wathuma izincwadi ukungesabisa.