Skip to Content

"ezinhluphekweni"

7 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 1:6

Kepha noma sikhathazeka , kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu , noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.

2 kwabaseKorinte 4:6

Ngokuba uNkulunkulu owathi : Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu. Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini

AmaHubo 25:17

Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami.

KwabaseFilipi 3:10

ukuze ngimazi yena , namandla okuvuka kwakhe , nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,

KwabaseKolose 1:24

Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami n genxa yomzimba wakhe , oyibandla;

U-Isaya 63:9

Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye , ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukel a kwakhe wabahlenga , wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.

UJobe 5:19

Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha ; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.