Skip to Content

"ezinyawo"

11 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:3

Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe.

AbAhluleli 3:24

Nxa esephumile yena , kwafika izinceku zakhe ; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.

NgokukaLuka 7:44

Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni : Uyambona lo wesifazane na ? Ngingene endlini yakho , awunginikanga amanzi ezinyawo , kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe.

NgokukaLuka 8:29

Ngokuba waya la umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu . Ngokuba wayesembambe kaningi ; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.

U-Isaya 60:14

Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile , nabo bonke abakudelelayo bayakukhotham a ngasematheni ezinyawo zakho , bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

UHezekeli 1:7

imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.

UHezekeli 43:7

Wathi kimi: Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami , lapho ngiyakuhla la khona phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli kuze kube phakade ; indlu yakwa -Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele , yona namakhosi ayo , ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,

UJobe 13:27

ufaka izinyawo zami ezingongolweni , uqaphela zonke izind lela zami , uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,

UJoshuwa 3:13

Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abath wala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke , eyakuma emanzini aseJordani , amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.

UJoshuwa 4:18

Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani , amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo , amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo , aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

UMalaki 4:3

Niyakunyathela phansi ababi , ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo, usho uJehova Sebawoti.