Skip to Content

"eziphilayo"

12 occurrences in ZUL

UGenesise 1:20

UNkulunkulu wathi : Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.

UGenesise 1:21

UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 1:24

UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, kwaba njalo.

UGenesise 2:19

UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

UGenesise 8:17

Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke , izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni , zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.

UGenesise 9:10

nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.

UGenesise 9:12

UNkulunkulu wathi: Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade:

UGenesise 9:15

Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke ; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.

UGenesise 9:16

Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.

UGenesise 9:3

Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu ; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.

ULevitikusi 11:10

Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni , nazo zonke eziswebezelayo emanzini , nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.

UZakariya 11:16

Ngokuba bheka , ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo , angazelaphi ezaphukileyo , angaboneleli eziphilayo , kepha adle inyama yezikhulupheleyo , adwebule izinselo zazo.