Skip to Content

"ezitheni"

33 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:17

UDavide waphuma ukubahlangabeza , wathatha, wathi kubo : Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani , kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami , lokhu kungekho okubi ezandleni zami , uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.

1 iziKronike 22:9

bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula ; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke , ngokuba igama lakhe liyakuba nguSo lomoni; ukuthula nokuzola ngi yakumnika khona u -Israyeli emihleni yakhe;

1 uSamuweli 14:24

Abantu bakwa -Israyeli babecindezelwa ngalolo suku , kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi , ngingakaziphindiseli ezitheni zami. Akwabakho muntu owezwa ukudla.

1 uSamuweli 18:25

USawule wathi : Niyakusho kanje kuDavide , nithi: Inkosi ayifuni ilobolo , kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi . USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti.

2 AmaKhosi 4:4

Wongena, uzivalele ngesivalo , wena namadodana akho , uthele ezitheni zonke lezo, ubeke ezigcweleyo eceleni.

2 iziKronike 26:13

Phansi kwezandl a zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni.

2 uSamuweli 18:19

U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi : Ake ngigijime , ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.

2 uSamuweli 22:4

Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

2 uSamuweli 22:49

ongikhiphile ezitheni zami , wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo , wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

2 uSamuweli 5:20

UDavide wafika eBali Pherasimi , uDavide wawachitha khona ; wathi: UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi . Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.

2 uSamuweli 7:1

Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo , uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke,

2 uSamuweli 7:11

kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u -Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke . Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.

AbAhluleli 11:36

Wathi kuye : Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova ; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni.

AmaHubo 136:24

owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

AmaHubo 143:9

Ngikhulule ezitheni zami; Jehova, ngicashe kuwe.

AmaHubo 18:3

Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

AmaHubo 18:48

ongikhululile ezitheni zami , yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

AmaHubo 44:7

kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.

AmaHubo 54:5

Uyabuyisela okubi ezitheni zami; zibhubhise ngokweqiniso lakho.

AmaHubo 59:1

Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;

AmaHubo 68:23

ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini , ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.

AmaHubo 78:42

Abakhumbulanga isandla sakhe nosuku abahlenga ngalo ezitheni,

NgokukaLuka 1:71

insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo,

U-Esteri 8:13

Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.

U-Esteri 9:16

Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana , bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni za bo, babulala abay izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo , kepha ababekanga izandla zabo empangweni.

U-Esteri 9:22

njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulilen i kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.

U-Ezra 8:22

Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfun ayo ukuba kube kuhle , kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.

U-Isaya 1:24

Ngalokho i thi iNkosi uJehova Sebawoti , uMninimandla ka -Israyeli: E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami, ngiziphindisele ezitheni zami,

UDuteronomi 12:10

Kepha lapho niwela iJordani , nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,

UDuteronomi 28:68

UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: Awusayikuyibona futhi. Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.

UJoshuwa 10:13

Lase lima ilanga , nenyanga yahlala , abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na ? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.

UJoshuwa 23:1

Kwathi emva kwezinsuku eziningi , lapho uJeho va esephumuzile u -Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,

UNumeri 10:9

Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo , khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo , nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.