Skip to Content

"eziyizinkulungwane"

38 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 4:26

USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziy ishumi nambili.

1 AmaKhosi 8:63

USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova , izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

1 iziKronike 19:18

Ama-Aramu abaleka phambi kuka -Israyeli; uDavide wabulala kuma -Aramu izinqola eziyizinkulungwane eziyisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noShofaki induna yempi.

1 iziKronike 19:7

Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseM ahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba . Abantwana bakwa -Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

1 iziKronike 5:21

Asusa izinkomo zabo , namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili , nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.

1 uSamuweli 13:5

AmaFilisti abuthana ukuba alwe no -Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.

1 uSamuweli 25:2

Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli ; lowo muntu wayemkhulu kakhulu , wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.

2 AmaKhosi 3:4

UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.

2 AmaKhosi 5:5

Inkosi yase -Aramu yayisithi : Yiya khona ; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli. Wasuka, wahamba namatalenta ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide , nezingubo eziyishumi zokuphendulela.

2 iziKronike 15:11

Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile , izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa.

2 iziKronike 17:11

AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati , nesiliva lentela ; nabase- Arabiya baletha kuye imihlambi , izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

2 iziKronike 29:33

Okungcwelisiwe kwakuyizinkabi ezingamakhulu ayisithupha nezimvu eziyizinkulungwane ezintathu.

2 iziKronike 30:24

Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.

2 iziKronike 35:7

UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.

2 iziKronike 7:5

Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

2 iziKronike 9:25

USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili , owababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

AmaHubo 50:10

Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi , nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

AmaHubo 84:10

Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.

IzEnzo 19:19

Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

UDaniyeli 8:14

Wathi kimi: Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.

UHezekeli 45:1

Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo , okungcwele kwezwe , ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi , kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.

UHezekeli 48:30

Nanka amacele omuzi : kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa.

UHezekeli 48:32

Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu , namasango amathathu : elinye yisango lakwaJosefa , elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani.

UHezekeli 48:33

Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganis a, namasango, amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni , elinye yisango lakwa -Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni.

UHezekeli 48:34

Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.

UHezekeli 48:35

Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.

UHezekeli 48:8

Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo , ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amab ili nanhlanu , ubude bube njengesinye sezabelo , kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.

UHezekeli 48:9

Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.

UJobe 42:12

Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe ; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane , namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha , namabhangqa ayinkulungwane ezinka bi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.

UJoshuwa 3:4

Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo , lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.

UNumeri 31:32

Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezinga makhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,

UNumeri 31:33

nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili,

UNumeri 31:34

nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye,

UNumeri 31:36

Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,

UNumeri 31:43

inxenye yenhlangano yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,

UNumeri 31:44

nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha,

UNumeri 31:45

nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu,

UNumeri 35:5

Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu , nezingalo e ziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga , nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho , umuzi ube phakathi . Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.