Skip to Content

"ezra"

26 occurrences in ZUL

1 iziKronike 4:17

Amadodana ka -Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.

U-Ezra 10:1

U-Ezra esakhuleka , evuma izono ngokukhala , eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana , ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.

U-Ezra 10:10

U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo : Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.

U-Ezra 10:16

Kepha abathunjwa benze njalo . Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise , bonke ngamagama ; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.

U-Ezra 10:2

UShekaniya, indodana ka Jehiyeli, enye yamadodana ka -Elamu, wathatha wathi ku -Ezra: Siphambukile kuNkulunkulu wethu , sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.

U-Ezra 10:5

Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u- Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.

U-Ezra 10:6

Wayesevuka u -Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu , wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka -Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi , ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

U-Ezra 7:1

Emva kwalokho esabusa u -Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra kaSeraya ka-Azariya kaHilikiya,

U-Ezra 7:10

ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova , nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.

U-Ezra 7:11

Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi:

U-Ezra 7:12

U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi ku -Ezra, umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi.

U-Ezra 7:21

Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula ukuthi konke u -Ezra umpristi nombhali wom thetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini , makwenziwe ngesineke sonke,

U-Ezra 7:25

Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula , bonke abazi imithetho ka Nkulunkulu wakho ; nongayaziyo nimfundise.

U-Ezra 7:6

u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka -Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.

UNehemiya 12:1

Nampa abapristi namaLevi abakhuphuka noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: oSeraya, noJeremiya, no-Ezra,

UNehemiya 12:13

eka-Ezra: nguMeshulamu; eka-Amariya: nguJehohanani;

UNehemiya 12:26

Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.

UNehemiya 12:33

no-Azariya, no-Ezra, noMeshulamu,

UNehemiya 12:36

nabafowabo oShemaya , no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDa vide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.

UNehemiya 8:1

Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi ; bakhuluma ku -Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.

UNehemiya 8:13

Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke , nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho.

UNehemiya 8:2

U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla , abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.

UNehemiya 8:4

U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu lamapulangwe ababelenzele lo mgomo ; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya , noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe , nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.

UNehemiya 8:5

U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke , ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.

UNehemiya 8:6

U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu . Bonke abantu baphendula bathi : Amen, Amen, bephakamisa izandla zabo ; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.

UNehemiya 8:9

UNehemiya owayengumbusi , no-Ezra umpristi nombhali , namaLevi ayebafundisa abantu , bathi kubantu bonke : Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; ningalili, ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala , lapho bezwa amazwi omthetho.