Skip to Content

"hlala"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:19

Kepha wathi kuye : Nginike indodana yakho . Wayithatha esifubeni sakhe , wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho e hlala khona , wayibeka embhedeni wakhe.

1 uSamuweli 1:23

Wayesethi u -Elkana umyeni wakhe kuye : Yenza okuhle emehlweni akho ; hlala uze umlumule ; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela . Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula.

1 uSamuweli 22:23

Hlala kimi , ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.

2 iziKronike 25:19

Uthi: Bheka, ngichithile u -Edomi; inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?

2 uSamuweli 11:12

Wayesethi uDavide ku -Uriya: Hlala lapha nanamuhla ; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe. U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.

AbAhluleli 17:10

UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.

AbAhluleli 19:9

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.

AmaHubo 110:1

UJehova wathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.

AmaHubo 37:3

Themba kuJehova , wenze okulungileyo ; hlala ezwen i, uzondle ngokukholeka;

EkaJakobe 2:3

nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo , nithi: Hlala lapha wena kulendawo enhle, besenithi kompofu: Yima lapho wena , noma: Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,

IzEnzo 2:34

Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi : INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami,

KumaHeberu 1:13

Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi : Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho, na?

NgokukaLuka 20:42

lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo : INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami,

NgokukaLuka 24:29

Bamncengisisa bathi : Hlala nathi , ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena wahlala nabo.

NgokukaMarku 12:36

UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi : INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.

NgokukaMathewu 22:44

INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.

U-Isaya 47:5

Hlala uzithulele , ungene ebumnyameni , wena ndodakazi yamaKaledi , ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.

UGenesise 26:2

UJehova wabonakala kuye , wathi: Ungehleli eGibithe ; hlala ezweni engizakukutshela lona,

UGenesise 29:19

Wayesethi uLabani: Kuhle ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda; hlala kimi.

UGenesise 38:11

UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe : Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo , aze akhule uShela indodana yami , ngokuba wathi : Ukuba angafi njengabafowabo. UTamari waya wahlala kwabo. OJuda noTamari

URuthe 3:13

Hlala lobu busuku ; kuyakuthi ekuseni , uma ekuhlenga , kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga , mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.

URuthe 3:18

Wathi: Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba le ndaba iyakuphethelaphi , ngokuba leyo ndoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.