Skip to Content

"ibabele"

18 occurrences in ZUL

U-Isaya 13:19

IBabele, umhlobiso wemibuso, isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi, liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.

U-Isaya 21:9

Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili . Wathatha wathi: Liwile, liwile iBabele , nazo zonke izithombe ezibaziwey o zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.

U-Isaya 39:3

Wayesefika u -Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.

UGenesise 11:9

Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele, ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke. Inzalo kaShemi

UJeremiya 50:14

Zihleleleni iBabele nxazonk e nina nonke eninsala umnsalo , nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba lonile kuJehova.

UJeremiya 50:2

Memezani phakathi kwezizwe , nikuzwakalise, nimise ibhanela , nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: IBabele linqotshiwe , uBeli ujabhile , uMerodaki uphelile amandla ; izithombe zalo zijabhile , imifanekiso yalo iphelile amandla.

UJeremiya 51:24

Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu, usho uJehova.

UJeremiya 51:37

IBabele liyakuba yizinqwaba , nendawo yokuhlala kwamakhanka , nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.

UJeremiya 51:42

Ulwandle lukhuphukele iBabele, lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.

UJeremiya 51:49

Yebo, neBabele limelwe ukuwa , nina babuleweyo bakwa -Israyeli, njengalokho iBabele laliwelwa ngababuleweyo bomhlaba wonke.

UJeremiya 51:53

Noma iBabele likhuphukela ezulwini , yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele, usho uJehova.

UJeremiya 51:55

ngokuba uJehova uyalichitha iBabele , aqede phakathi kwalo umsindo omkhulu; amaza alo ayahlokoma njengamanzi amakhulu , nomsindo wokuhlokoma kwawo uyezwakala,

UJeremiya 51:56

ngokuba umchithi uyalehlela , alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa , neminsalo yawo iyaphulwa , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo , uyakhokha nokukhokha.

UJeremiya 51:60

UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele , onke lawa mazwi alotshiwe ngeBabele.

UJeremiya 51:64

uthi: Kanjalo iBabele liyakushona , lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale. Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.

UJeremiya 51:7

IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehov a eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.

UJeremiya 51:8

IBabele seliwile ngokuzumayo , lachithwa; hhewulani ngalo , nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu; mhlawumbe lingaphiliswa.

UJeremiya 51:9

Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ez weni lakubo , ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.