Skip to Content

"ibhande"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:5

Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya , nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zak wa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula , wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.

2 AmaKhosi 1:8

Zathi kuye : Umuntu wayenengubo yoboya, ebhince ibhande lesikhumba okhalweni lwakhe. Wathi: Bekungu-Eliya waseThishibi.

2 uSamuweli 20:8

Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni , u-Amasa wafika ukubahlangabeza . UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

U-Eksodusi 28:8

Ibhande elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo , ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.

U-Eksodusi 39:5

Ibhande elalukiwe kahle elalikuyo ukuyibhinca lalikunye nayo , lifana nokusetshenzwa kwayo , lalingelegolide, lingokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , njengalokho uJehova emyalile uMose.

U-Isaya 5:27

Akakho oyakukhathala, akhubeke kuso; akakho oyakozela, alale; ibhande lezinkalo zabo aliyikuthukuluka, nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,

UJeremiya 13:1

Usho kanje uJehova kimi, uthi: Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.

UJeremiya 13:11

Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu , kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa -Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova , U kuba babe ngabantu bami , negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga. Izimvaba ezaphukileyo

UJeremiya 13:2

Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.

UJeremiya 13:4

Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e- Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.

UJeremiya 13:6

Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.

UJeremiya 13:7

Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.

ULevitikusi 16:4

embathe ibhantshi elingcwele lelineni , abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni , afake isigqoko selineni ; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.

ULevitikusi 8:7

Wamfaka ibhantshi , wambhincisa ibhande , wamembathisa ijazi ; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.