Skip to Content

"idili"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:15

USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJer usalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova , wanikela ngeminikelo yokushiswa , wanikela ngeminikelo yokuthula , wazenzela izinceku zakhe zonke idili. Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni

2 AmaKhosi 6:23

Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe , baya enkosini yabo . Amaviyo ama -Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli. Indlala yaseSamariya

2 uSamuweli 3:20

Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.

AbAhluleli 14:10

Uyise wehla , waya kulowo wesifazane , uSamsoni wenza idili khona , ngokuba zazenze njalo izinsizwa.

AbAhluleli 14:17

Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa , lisekhona idili labo ; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.

NgokukaLuka 14:16

Kepha wathi kuye: Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.

NgokukaLuka 14:24

Ngokuba ngithi kini : Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami. Abafundi bakaJesu abayibo (Math. 10:37)

NgokukaMarku 6:21

Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,

U-Esteri 1:3

ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo , yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili , amaqhawe asePheresiya naseMediya , nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,

U-Esteri 1:5

Seziphelile lezo zinsuku , inkosi yenzela abantu bonke ab abe khona eShushani endlini yenkosi , abakhulu nabancane , idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.

U-Esteri 1:9

Naye uVashiti , inkosikazi, wenzela abesifazane idili endlini yenkosi u - Ahashiveroshi.

U-Esteri 2:18

Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu , idili lika-Esteri, wanika izifunda uk uphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.

U-Isaya 25:6

UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonk e idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.

UDaniyeli 5:1

UBelishasari inkosi wenzel a izinduna zakhe eziyinkulungwane idili , waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane.

UGenesise 19:3

Kepha wazincenga kakhulu , zaze zaphambukela kuye , zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

UGenesise 21:8

Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikh ulu mhla u- Isaka elunyulwa.

UGenesise 26:30

Wabenzela idili, badla, baphuza.

UGenesise 29:22

ULabani wabutha abantu bonke bakuleyo ndawo, wenza idili.

UGenesise 40:20

Kwathi ngosuku lwesithathu , usuku lokuzalwa kukaFaro , wazenzela izinceku zakhe zonke idili , waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.

UJeremiya 51:39

Sebevuthile, ngiyakubenzela idili , ngibadakise ukuze baq uleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki, usho uJehova.

UJobe 1:4

Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo ; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.

UmShumayeli 10:19

Idili lenzelwa ukuhleka , newayini liyenamisa ukuphila , kepha imali iyimpendulo yakho konke.