Skip to Content

"ilanga"

85 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 11:11

Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu ; bafika phakathi kwekamu ngomlindo wokusa , babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.

1 uSamuweli 11:9

Bathi kuzo izithunywa ezazifikile : Niyakusho kanje kubantu ba seJabeshi Gileyadi, nithi: Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa . Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza.

1 uSamuweli 27:1

UDavide wathi enhliziyweni yakhe : Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawu le; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke , ngiye ezweni lamaFilisti ; uSawule uyakungiyeka , angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.

2 AmaKhosi 23:11

Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.

2 AmaKhosi 23:5

Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo e mizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga n enyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.

2 AmaKhosi 3:22

Bavuka ekuseni , ilanga lakhanya emanzini , abakwaMowabi bawabona amanzi malungana nabo ebomvu njengegazi;

2 AmaKhosi 4:11

Kwathi ngelinye ilanga wafika khona , waphambukela ekamelweni, walala khona.

2 AmaKhosi 4:18

Kwathi umfana esekhulile , waphuma ngelinye ilanga , waya kuyise kubavuni.

2 AmaKhosi 4:8

Kwathi ngelinye ilanga u -Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo , wamcindezela ukuba adle isinkwa . Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.

2 uSamuweli 2:24

Kepha oJowabe no -Abishayi bamxosha u -Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase -Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni.

2 uSamuweli 3:35

Bonke a bantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini ; kepha uDavide wafunga wathi : Makenze njalo kimi uNkulunkulu , enezele futhi , uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.

2 uSamuweli 4:5

Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba , afika selishisa ilanga endlini ka-Ishi Bosheti ephumula embhedeni emini.

AbAhluleli 14:18

Abantu bom uzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa , lingakashoni ilanga : Kuyini okumnandi kunezinyosi ? Kuyini okunamandla kunengonyama na ? Wathi kubo: Uma beningalimanga ngesithokazi sami , ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.

AbAhluleli 19:11

SebengaseJebusi, ilanga lase lidlulile kakhulu ; inceku yathi en kosini yayo: Ake uze, siphambukele kulo muzi wamaJebusi, sihlale kuwo.

AbAhluleli 19:14

Base bethula bahamba ; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini.

AbAhluleli 19:8

Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi : Ake uhlumelele inhliziyo yakho , nihlale lize lithambame ilanga. Badla-ke bobabili.

AbAhluleli 19:9

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.

AbAhluleli 9:33

kuyakuthi ekuseni lisaphuma ilanga , uvuke, uhlasele umuzi; bheka, lapho yena nabantu abanye bephuma ukuba balwe nawe , wenze kubo njengokubona kwakho.

AmaHubo 104:19

Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi ; ilanga liyazi ukushona kwalo.

AmaHubo 104:22

Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.

AmaHubo 121:6

Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

AmaHubo 136:8

ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

AmaHubo 19:4

Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonk e namazwi awo emkhawulweni womhlaba. Ulimisele ilanga itende kulo.

AmaHubo 58:8

Mababe njengomnenke oncibilika , uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.

AmaHubo 72:17

Igama layo liyakuma kuze kube phakade ; igama layo liyakuxhanta , lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

AmaHubo 72:5

Bayakwesaba wena , kusekhona ilanga nenyanga , izizukulwane ngezizukulwane.

EkaJakobe 1:11

Ngokuba ilanga liphuma libalele , libunisa utshani , imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale ; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.

IsAmbulo 12:1

Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga , nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe , nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,

IsAmbulo 21:23

Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo , ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.

IsAmbulo 9:2

Yayisivula umgodi wakwalasha ; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:6

Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha , angenza umlindizivini , kepha isivini esingesami angisilindanga.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:17

Kuze kuphole ilanga , namathunzi abaleke , mawube njengensephe , wena othandiweyo wami , nanjengesixhumu sendluzel e ezintabeni eziqhekezekileyo.

IzEnzo 13:11

Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje . Uzakuba yimpumputhe , kube yisikhathi ungaliboni ilanga . Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.

IzEnzo 27:20

Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi , nesiphepho esingesincane siqinisa njalo , lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.

IzEnzo 2:20

Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi.

Kwabase-Efesu 4:26

Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.

NgokukaLuka 23:45

kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.

NgokukaMarku 13:24

Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

NgokukaMarku 1:32

Kwathi ukuba kuhlwe , selishonile ilanga , baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.

NgokukaMarku 4:6

Kwathi ukuba liphume ilanga , yahamuka; nangokuba ingenampande , yabuna.

NgokukaMathewu 13:6

Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

NgokukaMathewu 24:29

Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuk u ilanga liyakufiphazwa , nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini , namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.

NgokukaMathewu 5:45

ukuba nibe ngabant wana bakaYihlo osezulwini ; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle , anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.

U-Amose 8:9

Kuyakuthi ngalolo suku , isho iNkosi uJehova , ngilishonise ilanga emini , ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.

U-Eksodusi 16:21

Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla , kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.

U-Eksodusi 17:12

Kodwa izandla zikaMose zaba nzima ; bathatha itshe , walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo ; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe , omunye engalapha, omunye engalapha ; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.

U-Eksodusi 22:26

Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho , ibe yisibambiso , uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;

U-Eksodusi 22:3

Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo , kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha ; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.

U-Isaya 13:10

Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana baz o akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo , nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.

U-Isaya 38:8

bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika - Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi . Ilanga labuya -ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo. Ihubo likaHezekiya

U-Isaya 60:19

Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

U-Isaya 60:20

Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

UDuteronomi 17:3

wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu , wakhuleka kubo , noma ilanga , noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,

UDuteronomi 23:11

kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi , nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.

UDuteronomi 24:15

uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo , ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu , ibeka inhliziyo yayo kuyo , funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.

UDuteronomi 4:19

funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu , uyengwe, uze ukhuleke kukho , ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.

UGenesise 19:23

Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.

UGenesise 28:11

Wafika endaweni ethile , wahlala khona ubusuku bonke , ngokuba ilanga lase lishonile ; wathatha elinye lamatshe aleyondawo , walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.

UGenesise 32:31

Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.

UGenesise 37:9

Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo , wathi: Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho ; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.

UHabakuki 3:11

Ilanga nenyanga kwema endaweni yakh o ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.

UHezekeli 32:7

Lapho ngikucisha , ngiyakusibekela izulu , ngenze mnyama izinkanyezi , ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.

UHezekeli 8:16

Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova ; bheka, ngasemnyango weth empeli likaJehova phakathi kompheme ne -altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.

UJeremiya 15:9

Owazala abayisikhombisa usedangele , waphuma u moya; ilanga lakhe lishonile kuse semini ; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo, usho uJehova. Ukukhala kukaJeremiya

UJeremiya 31:35

Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini , nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:

UJeremiya 6:4

Zingcweliseleni ukulwa nayo ; vukani, sikhuphuke emini . Maye kithina ! Ngokuba ilanga liyaphenduka, namathunzi okuhlwa aselulekile.

UJobe 1:6

Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo.

UJobe 2:1

Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu , ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova.

UJobe 9:7

oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi;

UJona 4:8

Kwathi ekup humeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona , waba nesiyezi , wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila.

UJoshuwa 10:13

Lase lima ilanga , nenyanga yahlala , abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na ? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.

UJoshuwa 19:12

wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga , lapho kuphum a khona ilanga , kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori , waphuma waya eDabe rati, wenyukela eJafiya;

UJoweli 2:10

Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela ; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

UJoweli 2:31

Ilanga liyakuphenduka ubumnyama , inyanga ibe yigazi , lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

UJoweli 3:15

Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

ULevitikusi 22:7

Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile , andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.

UMalaki 4:2

Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga , linokuphilisa emaphikweni alo ; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.

UMika 3:6

Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono , kuhlwe kini , ningabe nisabhula ; ilanga liyakushonela abaprofethi , usuku lube mnyama phezu kwabo.

UNahume 3:17

Izikhulu zakho zinjengezinkumbi , nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza , kepha lapho liphuma ilanga , sindize simuke , ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.

UNehemiya 7:3

Ngathi kubo : Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga ; besemi, mabavale izivalo , baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.

UNumeri 34:15

lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

UmShumayeli 11:7

Ukukhanya kumnandi, yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.

UmShumayeli 12:2

yebo, lingakabi mnyama ilanga , nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,

UmShumayeli 1:5

Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona , lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.

UmShumayeli 7:11

Ukuhlakanipha kuhle njengefa, yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,